IZOLO
“UNkulunkulu ka-Israyeli uyoba ngumvikeli wenu ngemuva.”
U-Izaya 52:12
Ukulondeka kokwayizolo.
"UNkulunkulu ufuna lokho okwedlule." Ekupheleni konyaka siphendukela ngokulangazela kukho konke uNkulunkulu anakho ngekusasa, kodwa ukukhathazeka kuvame ukuvela ekukhumbuleni okwayizolo. Ukujabulela kwethu umusa kaNkulunkulu manje kuvame ukuvinjwa yinkumbulo yezono namaphutha ayizolo. Kodwa uNkulunkulu unguNkulunkulu wokwayizolo kwethu, futhi Yena uvumela inkumbulo yazo ukuze aguqule okwedlule kube yinkonzo yokusikhulisa ngokomoya esikhathini esizayo. UNkulunkulu usikhumbuza okwedlule hleze singene ekulondekeni okungajulile kwamanje.
Ukulondeka kwekusasa.
"Ngoba iNkosi iyohamba phambi kwenu." Lesi yisambulo somusa, ukuthi uNkulunkulu uyogada lapho sehlulekile khona ukugada. Yena uyoqapha hleze izinto zisikhubekise futhi siwele ekuhlulekeni okufanayo, njengoba nakanjani bezingenza ukube Yena wayengesuye umvikeli wethu ngemuva. Isandla sikaNkulunkulu sifinyelela emuva esikhathini esedlule futhi sakha indawo yokuhlanza unembeza.
Ukulondeka kwanamuhla.
"Ngoba aniyikuphuma ngokushesha." Njengoba singena onyakeni ozayo, makungabi ngokuxhamazela kwenjabulo engalawulwa, engakhumbuli, noma ngokubaleka kokungacabangi okusheshayo, kodwa ngamandla anesineke okwazi ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli uyohamba phambi kwethu. Okwayizolo kwethu kusethulela izinto ezingenakulungiswa; kuyiqiniso ukuthi silahlekelwe amathuba angasoze abuya, kodwa uNkulunkulu angaguqula lokhu kukhathazeka okubhubhisayo kube ukucabangisisa okwakhayo ngekusasa. Vumela okwedlule kulale, kodwa makulale esifubeni sikaKristu.
Shiya Okudlule Okungenakulungiswa ezandleni zaKhe, bese ungena naYe eKusaseni Elingenakuvinjelwa.