AKUSIKHO NGAMANDLA NOMA NGOKUQINA
“Nokukhuluma kwami nokushumayela kwami kwakungekhona ngamazwi ahungayo okuhlakanipha komuntu, kodwa kwakungokubonakaliswa koMoya namandla.”
1 KwabaseKhorinte 2:4
Uma ekushumayeleni iVangeli ufaka ulwazi lwakho olucacile lwendlela yensindiso esikhundleni sokwethemba amandla eVangeli, uvimba abantu ukuba bafinyelele ebuqinisweni. Kumelwe uqinisekise ukuthi lapho umemezela ulwazi lwakho lwendlela yensindiso, wena uqobo unezimpande futhi ugxile okholweni kuNkulunkulu. Ungalokothi uthembele ekucaceni kwencazelo yakho, kodwa lapho unikeza incazelo yakho qiniseka ukuthi wena uthembele kuMoya oNgcwele. Thembela ekuqinisekeni kwamandla kaNkulunkulu okuhlenga, khona Yena uyodala ukuphila kwaKhe emiphefumulweni.
Lapho usunezimpande ebuqinisweni, akukho okungakunyakazisa. Uma ukholo lwakho lusekuhlangenwe nakho, noma yini eyenzekayo ingase iluphazamise lolo kholo; kodwa akukho okungake kuphazamise uNkulunkulu noma ubuqiniso obunamandla onke bokuhlengwa; sekela ukholo lwakho kulokho, khona uvikeleke phakade njengoNkulunkulu. Lapho usuxhumene noJesu Kristu ubuso nobuso, awusoze waphinde unyakaziswe. Yileyo incazelo yokungcweliswa. UNkulunkulu uyakwenqaba ukuhlangenwe nakho komuntu lapho siqala ukunamathela embonweni wokuthi ukungcweliswa kumane kuwukuhlangenwe nakho, bese sikhohlwa ukuthi ukungcweliswa uqobo kumelwe kungcweliswe (bheka NgokukaJohane 17:19). Ngamabomu kumelwe nginikele ukuphila kwami okungcwelisiwe kuNkulunkulu ngenxa yenkonzo yaKhe, ukuze angisebenzise njengezandla nezinyawo zaKhe.