Ukuzindla kwansuku zonke

UKUPHELELA KOBUKRISTU

Akusikho ukuthi sengifinyelele kakade, noma ukuthi sengiphelelisiwe. . . .

KwabaseFiliphi 3:12

Kuwugibe ukucabanga ukuthi uNkulunkulu ufuna ukusenza izibonelo eziphelele zalokho angakwenza; injongo kaNkulunkulu ukusenza sibe munye naYe uqobo. Izinyakazo zobungcwele zivame ukugcizelela ukuthi uNkulunkulu ukhiqiza izibonelo zobungcwele ukuze azibeke emnyuziyamu waKhe. Uma ulandela lo mbono wobungcwele bomuntu siqu, ukuzimisela okuqinile kokuphila kwakho ngeke kube ngoNkulunkulu, kodwa kuyoba ngalokho okubiza ukubonakaliswa kukaNkulunkulu ekuphileni kwakho. "Akusoze kwaba yintando kaNkulunkulu ukuba ngigule." Uma kwakuyintando kaNkulunkulu ukuchoboza iNdodana yaKhe uqobo, kungani engakuchobozi wena? Okubalulekile kuNkulunkulu akusikho ukungaguquguquki kwakho okuhambisana nombono wokuthi ongcwele kufanele abe yini, kodwa ubudlelwane bakho bangempela obuphilayo noJesu Kristu, nokuzinikela kwakho ngokuphelele kuYe noma uphilile noma uyagula.

Ukuphelela kobuKristu akusikho, futhi akunakuba nakanye, ukuphelela komuntu. Ukuphelela kobuKristu ukuphelela kobudlelwane noNkulunkulu okuzibonakalisa phakathi kwezinto ezingahlobene ekuphileni komuntu. Lapho ulalela ubizo lukaJesu Kristu, into yokuqala ekushayayo ukungahlobani kwezinto okufanele uzenze, futhi into elandelayo ekushayayo ukuthi abanye abantu babonakala bephila ukuphila okungaguquguquki ngokuphelele. Ukuphila okunjalo kuvame ukukushiya nomqondo wokuthi uNkulunkulu akadingeki, ngokuzama nokuzinikela komuntu singafinyelela isilinganiso uNkulunkulu asifunayo. Ezweni eliwile lokhu akusoze kwenziwa. Ngibizelwe ukuphila ebudlelwaneni obuphelele noNkulunkulu ukuze ukuphila kwami kuveze ukulangazelela uNkulunkulu kwezinye izimpilo, hhayi ukungibabaza mina. Imicabango ngami ivimbela ukuba wusizo kwami kuNkulunkulu. UNkulunkulu akahlose ukungiphelelisa ngibe yisibonelo egumbini laKhe lokubukisa; ungifikisa endaweni lapho angangisebenzisa khona. Mvumele enze akuthandayo.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa