UKHOLO NOKUHLANGENWE NAKHO
“INdodana kaNkulunkulu, eyangithanda, futhi yazinikela ngenxa yami.”
KwabaseGalathiya 2:20
Kumelwe silwe sidlule ekuguquguqukeni kwemizwa yethu sifinyelele ekuzinikeleni okuphelele eNkosini uJesu, ukuze siphume endaweni ecashile yokuhlangenwe nakho kwethu singene ekuzinikeleni okuphelele kuYe. Cabanga ukuthi iTestamente Elisha lithi uJesu Kristu ungubani, bese ucabanga ngobuncane obunyanyekayo bokholo lwethu oludabukisayo — Angikaze ngibe nalokhu nalokhuya okuhlangenwe nakho! Cabanga ngalokho okufunwa ukholo kuJesu Kristu — ukuthi angasethula singenasici phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, simsulwa ngendlela engenakushiwo, siqondiswe ngokuphelele futhi silungisiswe ngokujulile. Yima okholweni olungenamibandela olukhulekayo kuYe, Yena wenziwa kithi "ukuhlakanipha, nokulunga, nokungcweliswa, nokuhlengwa." Singakhuluma kanjani ngokwenza umhlatshelo ngenxa yeNdodana kaNkulunkulu! Insindiso yethu isikhulula esihogweni nasekubhujisweni, bese sikhuluma ngokwenza imihlatshelo!
Kumelwe siqhubeke singena okholweni kuJesu Kristu; kungabi nguJesu Kristu womhlangano womthandazo, noma uJesu Kristu wencwadi, kodwa kube nguJesu Kristu weTestamente Elisha, onguNkulunkulu osenyameni, okufanele asishaye siwe ezinyaweni zaKhe njengabafile. Ukholo lwethu kumelwe lube kuLowo okuvela kuYe ukuhlangenwe nakho kwethu. UJesu Kristu ufuna ukuzinikela kwethu ngokuphelele kuYe uqobo. Asisoze sakwazi ukumuzwa ngokuphelele uJesu Kristu, noma simvalele phakathi kwemingcele yezinhliziyo zethu, kodwa ukholo lwethu kumelwe lwakhiwe ekumethembeni okuqinile nokugcizelelayo.
Kulapha lapho sibona khona ukungabekezeleli okuqinile koMoya oNgcwele ukungakholwa. Konke ukwesaba kwethu kubi, futhi siyesaba ngoba asizondli okholweni lwethu. Kungenzeka kanjani ukuba noma ubani ozihlanganise noJesu Kristu ahlushwe ukungabaza noma ukwesaba! Kumelwe kube ihubo eliphelele lokukholwa okungenakucindezelwa nhlobo, okunqobayo.