UKUPHILA OKUGUQULWE KWABA SENKAZIMULWENI
“Uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; izinto ezindala zidlulile; bheka, zonke izinto sezibe zintsha.”
2 KwabaseKhorinte 5:17
Unamuphi umqondo ngensindiso yomphefumulo wakho? Okuhlangenwe nakho kwensindiso kusho ukuthi ekuphileni kwakho kwangempela izinto ziguquka ngempela, awusabheki izinto ngendlela owawuzibheka ngayo; izifiso zakho zintsha, izinto ezindala zilahlekelwe amandla azo. Enye yezindlela zokuhlola okuhlangenwe nakho ithi — Ingabe uNkulunkulu uyiguqulile into ebalulekile? Uma usalangazelela izinto ezindala, kuwumbhedo ukukhuluma ngokuzalwa kabusha okuvela phezulu, uyazikhohlisa. Uma uzelwe kabusha, uMoya kaNkulunkulu wenza uguquko lubonakale ekuphileni kwakho kwangempela nasendleleni ocabanga ngayo, futhi lapho kufika isimo esibucayi uba ngumuntu omangale kunabo bonke emhlabeni ngenxa yomehluko omangalisayo okhona kuwe. Akunakwenzeka neze ukucabanga ukuthi wena okwenzile. Yilolu guquko oluphelele nolumangalisayo oluwubufakazi bokuthi ungumphefumulo osindisiwe.
Insindiso nokungcweliswa kwami kwenze muphi umehluko? Ngokwesibonelo, ngingakwazi yini ukuma ekukhanyeni kwalokho okushiwo ku-1 KwabaseKhorinte 13, noma kumelwe ngigweme ukuphendula ngokuqondile? Insindiso efezwa kimi nguMoya oNgcwele ingikhulula ngokuphelele, futhi uma nje ngihamba ekukhanyeni njengoba uNkulunkulu esekukhanyeni, akaboni lutho lokusola ngoba ukuphila kwaKhe kufezeka kuyo yonke imininingwane, hhayi ngokwami ukuqaphela, kodwa ekujuleni okudlula ukuqaphela kwami.