Ukuzindla kwansuku zonke

UKUTHATHA INDAWO YOMUNYE

Wamenza isono ngenxa yethu . . . ukuze senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu. . .

2 KwabaseKhorinte 5:21

Umbono wanamuhla ngokufa kukaJesu uthi wafela izono zethu ngenxa yozwela. Umbono weTestamente Elisha uthi wathwala isono sethu hhayi ngozwela, kodwa ngokuzihlanganisa nathi. Yena wenziwa isono. Izono zethu ziyasuswa ngenxa yokufa kukaJesu, futhi incazelo yokufa kwaKhe ukulalela kwaKhe uYise, hhayi ukusizwela kwaKhe. Samukelekile kuNkulunkulu hhayi ngoba silalele, noma ngoba sithembise ukuyeka izinto, kodwa ngenxa yokufa kukaKristu, futhi ayikho enye indlela. Sithi uJesu Kristu weza ukuzokwembula ububaba bukaNkulunkulu, umusa wothando kaNkulunkulu; iTestamente Elisha lithi weza ukuzosusa isono sezwe. Ukwembula kwaKhe uYise kungokwalabo uJesu Kristu wethulwe kubo njengoMsindisi. UJesu Kristu akazange akhulume ngaYe uqobo ezweni njengaLowo owembula uYise, kodwa njengesikhubekiso (bheka NgokukaJohane 15:22— 24). NgokukaJohane 14:9 kwakhulunywa kubafundi baKhe.

Ukuthi uKristu wangifela, ngakho ngiphuma ngingenacala, akufundiswa nakanye eTestamenteni Elisha. Lokho okufundiswayo eTestamenteni Elisha yikuthi "Wafela bonke" (hhayi — Wafa ukufa kwami), nokuthi ngokuzihlanganisa nokufa kwaKhe ngingakhululwa esonweni, futhi ngiphiwe ukulunga kwaKhe uqobo. Ukuthatha indawo yomunye okufundiswa eTestamenteni Elisha kukabili: "Wamenza isono ngenxa yethu, Lowo owayengasazi isono; ukuze senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu kuYe." UKristu akabi ngowami ngaphandle kokuba ngizimisele ukuba uKristu akheke kimi.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa