UKHIYE WESITHUNYWA SEVANGELI
“Nginikwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni. Ngakho-ke hambani, nifundise izizwe zonke.”
NgokukaMathewu 28:18-20
Isisekelo sokunxusa kwezithunywa zevangeli yigunya likaJesu Kristu, hhayi izidingo zabezizwe. Sithambekele ekubhekeni iNkosi yethu njengaLowo osisizayo emizamweni yethu ngenxa kaNkulunkulu. INkosi yethu izimisa njengeNkosi ebusayo ngokuphelele nephakeme phezu kwabafundi baKhe. Ayisho ukuthi abezizwe bayolahleka uma singahambi; imane ithi — "Ngakho-ke hambani nifundise izizwe zonke." Hambani ngesisekelo sesambulo sobukhosi baMi; fundisani futhi nishumayele ngokuhlangenwe nakho okuphilayo ngaMi.
"Khona abafundi abayishumi nanye baya . . . entabeni lapho uJesu ayebayalele khona." Ivesi 16. Uma ngifuna ukwazi ubukhosi bukaKristu obubusa indawo yonke, kumelwe ngimazi ngokwami, ngazi nokuthi ngingaba kanjani ngedwa naYe; kumelwe ngizinike isikhathi sokukhonza uMuntu engithwele iGama laKhe. "Woza Kimi" — yileyo indawo yokuhlangana noJesu. Ingabe ukhathele futhi uthwele umthwalo osindayo? Yeka ukuthi ziningi kangakanani izithunywa zevangeli ezinjalo! Lawo mazwi amangalisayo oMbusi wendawo yonke siwadingisela embundwini womhlangano olandela inkonzo; angamazwi kaJesu kubafundi baKhe.
"Ngakho-ke hambani. . . ." Ukuhamba kusho ukuphila nje. IZenzo 1:8 iyincazelo yendlela yokuhamba. UJesu akashongo ukuthi — Hambani niye eJerusalema naseJudiya naseSamariya, kodwa, "Niyoba ofakazi baMi" kuzo zonke lezi zindawo. Uthatha umthwalo wokumisa izindlela zokuhamba.
"Uma nihlala Kimi, namazwi ami ehlala kini. . . " — yileyo indlela yokuqhubeka ekuphileni kwethu ngabanye. Lapho sibekwe khona akunandaba; uNkulunkulu uhlela ukuhamba kwethu.
"Akukho kulezi zinto okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikubheki njengegugu kimi . . ." Yileyo indlela yokuqhubeka size sihambe.