UKUDIKIBALA KOMUNTU NGAMUNYE NOKUKHULISWA KOMUNTU SIQU
“UMose waphuma waya kubafowabo, wabheka imithwalo yabo.”
I-Eksodusi 2:11
UMose wabona ukucindezelwa kwabantu bakubo futhi waqiniseka ukuthi nguye owayezobakhulula, kwathi ngentukuthelo elungileyo yomoya wakhe waqala ukulungisa iziphambeko zabo. Ngemva kokushaya kwakhe kokuqala ngenxa kaNkulunkulu nokulunga, uNkulunkulu wavumela uMose ukuba afakwe ekudikibaleni okuphelele, wamthumela ehlane ukuba ayokwelusa izimvu iminyaka engamashumi amane. Ekupheleni kwaleso sikhathi, uNkulunkulu wabonakala watshela uMose ukuba ayokhipha abantu baKhe, futhi uMose wathi — "Ngingubani mina, ukuba ngihambe?" Ekuqaleni uMose waqaphela ukuthi nguye owayezokhulula abantu, kodwa kwakumelwe aqale aqeqeshwe futhi alaywe nguNkulunkulu. Wayeqinisile esicini somuntu ngamunye, kodwa wayengakabi umuntu womsebenzi waze wafunda ukuhlanganyela noNkulunkulu.
Singaba nombono kaNkulunkulu nokuqonda okucace kakhulu kwalokho uNkulunkulu akufunayo, bese siqala ukwenza leyo nto, khona-ke kufika okuthile okulingana neminyaka engamashumi amane ehlane, njengokungathi uNkulunkulu uyishaye indiva yonke le nto, futhi lapho sesidikibele ngokuphelele uNkulunkulu uyabuya avuselele ubizo, bese izwi lethu liyaqhaqhazela sithi — "O, ngingubani mina?" Kumelwe sifunde igxathu lokuqala elikhulu likaNkulunkulu — "NGINGUYE ENGINGUYE ukuthumile." Kumelwe sifunde ukuthi umzamo wethu ngabanye ngenxa kaNkulunkulu uwukugabadela; ubuntu bethu ngabanye kumelwe benziwe buvuthe ngokukhazimulayo ngobudlelwane bomuntu siqu noNkulunkulu (bheka NgokukaMathewu 3:17). Sigxila esicini sezinto zomuntu ngamunye; sinombono — "Yilokhu uNkulunkulu afuna ukuba ngikwenze;" kodwa asikangeni egxathwini likaNkulunkulu. Uma udlula esikhathini sokudikibala, ukulindele ukukhuliswa okukhulu komuntu siqu.