Ukuzindla kwansuku zonke

UMPHATHI WESITHUNYWA SEVANGELI

Ningibiza ngokuthi Mfundisi neNkosi: futhi nisho kahle; ngoba ngiyikho.

NgokukaJohane 13:13

Ukuba nomphathi nokuphathwa akuyona into efanayo. Ukuba nomphathi kusho ukuthi kukhona ongazi kangcono kunokuba ngizazi mina, osondelene nami ukwedlula umngane, ofinyelela ekujuleni okukude kakhulu kwenhliziyo yami futhi akwenelise, ongilethe ekuqinisekeni okuphephile ukuthi ubhekane futhi waxazulula konke ukudideka nayo yonke inkinga yengqondo yami. Ukuba nomphathi yilokhu futhi akukhona okungaphansi kwalokhu — "Munye uMphathi wenu, uKristu."

INkosi yethu ayiphoqeleli ukulalela; ayisebenzisi izindlela zokungenza ngenze lokho akufunayo. Ngezinye izikhathi ngifisa sengathi uNkulunkulu angangilawula angenze ngenze lokho, kodwa ngeke akwenze; kwezinye izimo ngifisa sengathi angangishiya ngedwa, kodwa akangishiyi.

"Ningibiza ngokuthi Mfundisi neNkosi" — kodwa ingabe Yena unguye? Amagama athi uMfundisi neNkosi awanayo indawo enkulu olimini lwethu, sithanda amagama athi uMsindisi, uMngcwelisi, uMelaphi. Okuwukuphela kwegama elichaza ukuba ngaphansi koMphathi ngokuhlangenwe nakho luthando futhi kuncane kakhulu esikwaziyo ngothando ngendlela uNkulunkulu alwembula ngayo. Lokhu kufakazelwa yindlela esisebenzisa ngayo igama elithi ukulalela. EBhayibhelini ukulalela kusekelwe ebudlelwaneni babalinganayo, ubudlelwane bendodana noyise. INkosi yethu yayingeyona inceku kaNkulunkulu, Yena wayeyiNdodana yaKhe. "Nakuba Yena ayeyiNdodana, nokho wafunda ukulalela . . ." Uma umqondo wethu uwukuthi silawulwa, kuwubufakazi bokuthi asinaye uMphathi; uma leso kuyisimo sethu sengqondo ngoJesu, sikude kakhulu nobudlelwane abufunayo. Yena usifuna ebudlelwaneni lapho enguMphathi kalula khona ngaphandle kokuba sikuqaphele, konke esikwaziyo ukuthi singabaKhe futhi kufanele simlalele.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa