UKUMISELWA NGAPHAMBILI KWESITHUNYWA SEVANGELI
“Futhi manje, kusho iNkosi, eyangibumba kwasesibelethweni ukuba ngibe yinceku yaKhe.”
U-Izaya 49:5
Into yokuqala eyenzekayo ngemva kokuba siqaphele ukuthi kuKristu Jesu sikhethelwe ukuba ngabakaNkulunkulu iwukubhujiswa kobandlululo lwethu nemibono yethu emincane egxile emphakathini wakithi kanye nokushisekela kwethu amazwe ethu; siguqulwa sibe yizinceku zenjongo kaNkulunkulu uqobo. Isintu sonke sadalelwa ukukhazimulisa uNkulunkulu nokuthokoza kuYe kuze kube phakade. Isono siphendulele isintu kolunye uhlangothi, kodwa asizange siyiguqule nakancane injongo kaNkulunkulu; futhi lapho sizalwa kabusha ngokomoya singeniswa ekuqapheleni injongo enkulu kaNkulunkulu ngesintu, okungukuthi, ngadalelwa uNkulunkulu, Yena wangidala. Lokhu kuqaphela ukukhethwa kwethu nguNkulunkulu kuwukuqaphela okujabulisa kakhulu emhlabeni, futhi kumelwe sifunde ukuncika enjongweni kaNkulunkulu enkulu yokudala. Into yokuqala uNkulunkulu ayoyenza ngathi iwukuthi "adlulise ngempoqo emigudwini yenhliziyo eyodwa" izithakazelo zomhlaba wonke. Uthando lukaNkulunkulu, oluyiyo kanye imvelo kaNkulunkulu, lufakwa kithi, futhi imvelo kaNkulunkulu uSomandla ifingqwe kuJohane 3:16 — "UNkulunkulu walithanda izwe kangaka. . ."
Kumelwe sigcine umphefumulo wethu uvulekile eqinisweni lenjongo kaNkulunkulu yokudala, futhi singayididi nezinhloso zethu. Uma sikwenza, uNkulunkulu kuyomelwe achoboze izinhloso zethu azibeke eceleni kungakhathaliseki ukuthi kubuhlungu kangakanani. Injongo isithunywa sevangeli esadalelwa yona iwukuba abe yinceku kaNkulunkulu, umuntu uNkulunkulu akhazinyuliswa kuye. Lapho sesiqaphela ukuthi ngensindiso kaJesu Kristu senziwa sifanele uNkulunkulu ngokuphelele, siyoqonda ukuthi kungani uJesu Kristu engayekethisi kangaka ezimfunweni zaKhe. Yena ufuna ubuqotho obuphelele ezincekwini zaKhe, ngoba ubeke kuzo yona kanye imvelo kaNkulunkulu.
Qaphela ukuba ungakhohlwa injongo kaNkulunkulu ngokuphila kwakho.