UMKHAKHA WOBUNKULUNKULU WENKOLO
“Kodwa wena, lapho ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, futhi lapho usuvale umnyango wakho, khuleka kuYihlo osekusithekeni.”
NgokukaMathewu 6:6
Umqondo oyinhloko emkhakheni wenkolo uthi — Amehlo akho makabe kuNkulunkulu, hhayi kubantu. Ungenzi isifiso sokwaziwa njengomuntu othandazayo sibe yisisusa sakho. Thola ikamelo elingaphakathi lapho ungakhuleka khona kungekho owaziyo ukuthi uyakhuleka, vala umnyango ukhulume noNkulunkulu ngasese. Ungabi nasinye isisusa ngaphandle kokwazi uYihlo osezulwini. Akunakwenzeka ukuba uphile njengomfundi ngaphandle kwezikhathi ezinqunyiwe zomthandazo wangasese.
Kodwa lapho nithandaza ningaphindaphindi amazwi ayize . . . (ivesi 7). UNkulunkulu akasizwa ngenxa yokuthi sizimisele, kodwa usizwa kuphela ngesisekelo sokuhlengwa. UNkulunkulu akalokothi ahlatshwe umxhwele ukuzimisela kwethu. Umthandazo awukhona nje ukuthola izinto kuNkulunkulu, lokho kuyisimo sokuqala ngqa somthandazo; umthandazo uwukungena ebudlelwaneni obuphelele noNkulunkulu. Uma iNdodana kaNkulunkulu yakhiwa kithi ngokuzalwa kabusha ngokomoya, Yena uyodlulela ngaphambi kwengqondo yethu evamile futhi aguqule isimo sethu sengqondo ngezinto esizithandazelayo.
"Wonke umuntu ocelayo uyamukela." Sithandaza amazwi enkolo angenalutho, intando yethu ayikho kuwo, bese sithi uNkulunkulu akaphenduli; asikaze sicele lutho. "Niyakucela lokho enikuthandayo," kusho uJesu. Ukucela kusho ukuthi intando yethu ikhona. Noma nini lapho uJesu ekhuluma ngomthandazo, wayewubeka ngobulula obukhulu bengane: siletha isimo sethu sengqondo sokugxeka bese sithi — Yebo, kodwa . . . UJesu wathi "Celani." Kodwa khumbula ukuthi kumelwe sicele kuNkulunkulu izinto ezihambisana noNkulunkulu owembulwa nguJesu Kristu.