UKUTHELA IZITHELO KOBUNGANE
“Nginibize ngabangane.”
NgokukaJohane 15:15
Asiyazi nanini injabulo yokuzidela kuze kube yilapho sizinikele ngokuphelele kuyo yonke imininingwane. Ukuzinikela ngokuphelele kuyinto enzima kunazo zonke — Ngizokwenza uma . . . ! Hhayi, kulungile, ngicabanga ukuthi kumelwe nginikele ukuphila kwami kuNkulunkulu. Akukho lutho lwenjabulo yokuzidela kulokho.
Lapho nje sizinikele ngokuphelele, uMoya oNgcwele usinikeza ukusikisela ngenjabulo kaJesu. Umgomo wokugcina wokuzidela uwukubeka phansi ukuphila kwethu ngenxa yoMngane wethu. Lapho uMoya oNgcwele engena, isifiso esikhulu siwukubeka phansi ukuphila ngenxa kaJesu, futhi umqondo wokuthi siyazidela awufiki nakufika kithi ngoba ukuzidela kuwuthando oluvuthayo lukaMoya oNgcwele.
INkosi yethu iyisibonelo sethu ekuphileni kokuzidela — "Kuyangijabulisa ukwenza intando yaKho, Nkulunkulu wami." Yena waqhubeka nomhlatshelo waKhe ngenjabulo echichimayo. Ingabe sengike ngazinikela ngokuzithoba okuphelele kuJesu Kristu? Uma uJesu Kristu engeyona inkanyezi eqondisayo, akukho nzuzo emhlatshelweni; kodwa lapho umhlatshelo wenziwa amehlo ethe njo kuYe, kancane kodwa ngokuqinisekile ithonya elibumbayo liqala ukubonakala.
Qaphela ukuvumela ukusondelana kwemvelo kuvimbele ukuhamba kwakho othandweni. Enye yezindlela ezinonya kunazo zonke zokubulala uthando lwemvelo iwukudelela okusekelwe ekusondelaneni kwemvelo. Ongcwele usondelene neNkosi uJesu. Uthando ngoNkulunkulu alubuswa yimizwa, ngoba ukuba ongcwele athande ngendlela uNkulunkulu athanda ngayo kuyinto esebenzayo kunazo zonke.
"Nginibize ngabangane." Kuwubungane obusekelwe ekuphileni okusha okudalwe ngaphakathi kithi okungasondelene nakancane nokuphila kwethu okudala, kodwa okusondelene nokuphila kukaNkulunkulu kuphela. Kuthobeke ngendlela engenakuchazwa, kuhlanzeke ngaphandle kokungcola, futhi kuzinikele ngokuphelele kuNkulunkulu.