UKUKHETHA EMTHANDAZWENI NOKUNGQUBUZANA EMTHANDAZWENI
“Lapho uthandaza, ngena ekamelweni lakho, uthandaze kuYihlo osekusithekeni.”
NgokukaMathewu 6:6
UJesu akashongo ukuthi — Phupha ngoYihlo ekusithekeni, kodwa thandaza kuYihlo ekusithekeni. Umthandazo uwumzamo wentando. Ngemva kokuba sesingene endaweni yethu esithekile futhi savala umnyango, into enzima kunazo zonke ukuyenza ukuthandaza; asikwazi ukwenza izingqondo zethu zisebenze ngokuhleleka, futhi into yokuqala ephikisanayo yimicabango ezulazulayo. Impi enkulu emthandazweni wangasese iwukunqoba ukuzulazula kwengqondo. Kumelwe siqeqeshe izingqondo zethu futhi sigxile ekuthandazeni esikukhetha ngentando.
Kumelwe sibe nendawo ekhethiwe yomthandazo futhi lapho sifika kuyo kuqala uhlupho lwezimpukane — Lokhu kumelwe kwenziwe, nalokhuya. "Vala umnyango wakho." Ukuthula kwasese kusho ukuvala ngamabomu umnyango emizweni futhi ukhumbule uNkulunkulu. UNkulunkulu usekusithekeni, futhi usibona esendaweni esithekile; akasiboni ngendlela abanye abantu abasibona ngayo, noma ngendlela esizibona ngayo. Lapho sihlala endaweni esithekile kuba yinto engenakwenzeka ukuba singabaze uNkulunkulu, siqiniseka ngaYe ngaphezu kwanoma yini enye. UYihlo, kusho uJesu, usekusithekeni futhi akekho kwenye indawo. Ngena endaweni esithekile, khona kanye phakathi komjikelezo ojwayelekile uthola uNkulunkulu ekhona ngaso sonke isikhathi. Zijwayeze ukusebenzelana noNkulunkulu ngazo zonke izinto. Ngaphandle kokuba ngomzuzu wokuqala wokuvuka kosuku ufunde ukuwuvula gengelezi umnyango uvumele uNkulunkulu angene, uyosebenza ezingeni elingalungile usuku lonke; kodwa wuvule gengelezi umnyango uthandaze kuYihlo ekusithekeni, futhi yonke into yasobala iyoba nesigxivizo sobukhona bukaNkulunkulu.