UBIZO LUKANKULUNKULU OLUDIDAYO
“Futhi zonke izinto ezalotshwa ngabaprofethi ngokuphathelene neNdodana yomuntu ziyofezeka . . . Futhi abaqondanga neyodwa yalezi zinto.”
NgokukaLuka 18:31, 34
UNkulunkulu wabizela uJesu Kristu kulokho okwakubonakala kuyinhlekelele ephelele. UJesu Kristu wabiza abafundi baKhe ukuba bambone ebulawa; wahola ngamunye wabo wamyisa lapho inhliziyo yakhe yaphuka khona. Ukuphila kukaJesu Kristu kwakuwukwehluleka okuphelele kuyo yonke imibono ngaphandle kokaNkulunkulu. Kodwa lokho okwakubonakala kungukwehluleka ngokombono womuntu kwakuwukunqoba okukhulu ngokombono kaNkulunkulu, ngoba injongo kaNkulunkulu ayilokothi ibe yinjongo yomuntu.
Ubizo lukaNkulunkulu oludidayo lufika nasekuphileni kwethu. Ubizo lukaNkulunkulu alusoze lwashiwo ngokusobala; lugudliselwe. Ubizo lukaNkulunkulu lufana nobizo lolwandle, akekho oluzwayo ngaphandle kwalowo onemvelo yolwandle ngaphakathi kuye. Akunakushiwo ngokuqondile ukuthi ubizo lukaNkulunkulu luqondiswe kuphi, ngoba ubizo lwaKhe luwukuba sebudlelwaneni bobungane naYe ngenxa yezinjongo zaKhe, futhi isivivinyo siwukukholwa ukuthi uNkulunkulu uyakwazi lokho akufunayo. Izinto ezenzekayo azenzeki ngenhlanhla, zenzeka ngokuphelele ngokwesinqumo sikaNkulunkulu. UNkulunkulu ufeza izinjongo zaKhe.
Uma sisebudlelwaneni obuseduze noNkulunkulu futhi siqaphela ukuthi usingenisa ezinjongweni zaKhe, ngeke sisazama ukuthola ukuthi ziyini izinjongo zaKhe. Njengoba siqhubeka ekuphileni kobuKristu ukuphila kuya ngokuya kuba lula, ngoba siya ngokuya singathambekeli ekutheni — Pho kungani uNkulunkulu evumele lokhu nalokhuya? Ngemuva kwakho konke kukhona ukuphoqa kukaNkulunkulu. "Kukhona ubuNkulunkulu obubumba iziphetho zethu." UmKristu ngumuntu othemba ukuhlakanipha namasu kaNkulunkulu, hhayi amasu akhe. Uma sinenjongo yethu, ichitha ubulula nokungaxhamazeli okufanele kube yizici zabantwana bakaNkulunkulu.