UBUDLELWANE BESIBINDI BUKANKULUNKULU
“Khona Yena wathatha abayishumi nambili wabayisa kuYe.”
NgokukaLuka 18:31
Yeka isibindi sikaNkulunkulu sokusethemba! Uthi — "Kodwa Yena akahlakaniphanga ngokungikhetha, ngoba akukho lutho kimi; anginalo nhlobo inani." Yingakho ekukhethile. Uma nje ucabanga ukuthi kukhona okuthile kuwe, Yena akakwazi ukukukhetha ngoba unezinjongo zakho ofuna ukuzifeza; kodwa uma umvumele ukuba akufikise ekupheleni kokuzimela ngamandla akho, khona angakukhetha ukuba uhambe naYe eJerusalema futhi lokho kuyosho ukufezeka kwezinjongo angaxoxi nawe ngazo.
Sithambekele ekutheni ngenxa yokuthi umuntu unekhono lemvelo, uyoba umKristu omuhle. Akuyona indaba yezinto esihlome ngazo kodwa eyobumpofu bethu, hhayi eyalokho esiza nakho, kodwa eyalokho uNkulunkulu akufaka kithi; akuyona indaba yezimfanelo zemvelo zamandla esimilo, ulwazi, nokuhlangenwe nakho — konke lokho akusizi ngalutho kule ndaba. Okuwukuphela kwento esizayo ukuthi singeniswe ekuphoqeni okukhulu kukaNkulunkulu futhi senziwe abangane baKhe (qhathanisa 1 KwabaseKhorinte 1:26-30). Ubungane bukaNkulunkulu bakhiwa ngabantu ababaziyo ubumpofu babo. Akukho Yena angakwenza ngomuntu ocabanga ukuthi ulusizo kuNkulunkulu. NjengamaKristu asiphumele nhlobo injongo yethu, siphumele injongo kaNkulunkulu, engeke neze ibe injongo yethu. Asazi ukuthi uNkulunkulu ufunani, kodwa kumelwe silondoloze ubuhlobo bethu naYe kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Akumelwe nanini sivumele lutho lulimaze ubuhlobo bethu noNkulunkulu; uma bulimala kumelwe sizinike isikhathi sokubulungisa. Into eyinhloko ngobuKristu akuwona umsebenzi esiwenzayo, kodwa ubuhlobo esibulondolozayo nomoya ovezwa yilobo buhlobo. Yilokho kuphela uNkulunkulu asicela ukuba sikunakekele, futhi yikho okuhlala kuhlaselwa.