NGIBUSISIWE KANJENA NA?
“Babusisiwe . . .”
NgokukaMathewu 5:3-10
Lapho siqala ukufunda amazwi kaJesu abonakala elula ngendlela emangalisayo futhi engashaqisi, bese ecwila engabonwa ezingqondweni zethu ezingazi lutho. Ngokwesibonelo, Izibusiso zibonakala ziyiziyalo nje ezimnene nezinhle zabo bonke abantu abangacabangi ngokwezwe nababonakala bengelusizo, kodwa zibonakala zingasizi ngalutho ezindabeni ezingokoqobo zomhlaba onzima womsebenzi esiphila kuwo. Ngokushesha sithola, nokho, ukuthi Izibusiso ziqukethe isiqhumane sikaMoya oNgcwele. Ziyaqhuma, njengokungathi kunjalo, lapho izimo zokuphila kwethu zizibangela ukuba zenze kanjalo. Lapho uMoya oNgcwele usikhumbuza esinye salezi Zibusiso sithi — 'Yeka ukuthi la mazwi ashaqisa kanjani!' bese kudingeka sinqume ukuthi siyokwamukela yini ukuguquka okukhulu kukamoya okuyovezwa ezimweni zethu uma silalela amazwi aKhe. Yileyo ndlela uMoya kaNkulunkulu asebenza ngayo. Akudingeki sizalwe kabusha ukuze sisebenzise iNtshumayelo yaseNtabeni ngokwezwi nezwi. Ukuhumusha iNtshumayelo yaseNtabeni ngokwezwi nezwi kuwumdlalo wengane; ukuyihumusha ngoMoya kaNkulunkulu njengoba Yena esebenzisa amazwi eNkosi yethu ezimweni zethu kuwumsebenzi onzima wongcwele.
Imfundiso kaJesu ayilingani nakancane nendlela yethu yemvelo yokubheka izinto futhi ekuqaleni iza nokungakhululeki okumangalisayo. Kancane kancane kumelwe sakhe ukuhamba kwethu nendlela yethu yokuphila ngokuvumelana neziyalo zikaJesu Kristu njengoba uMoya oNgcwele ezisebenzisa ezimweni zethu. INtshumayelo yaseNtabeni ayilona iqoqo lemithetho neziqondiso: iyincazelo yokuphila esiyokuphila lapho uMoya oNgcwele esibusa ngokuthanda kwaKhe.