Ukuzindla kwansuku zonke

ISIMO ESIBUSAYO SANGAPHAKATHI NEZENZO

Uma ukulunga kwenu kungedluli ukulunga kwababhali nabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.

NgokukaMathewu 5:20

Isici somfundi akusikho ukuthi wenza izinto ezinhle, kodwa ukuthi muhle ezisuseni zakhe ngoba umusa kaNkulunkulu ongaphezu kwemvelo umenze waba muhle. Okuwukuphela kwento edlula ukwenza okulungile ukuba ngolungile. UJesu Kristu weza ukuzofaka kunoma yimuphi umuntu ozomvumela ufuzo olusha oluyodlula ukulunga kwababhali nabaFarisi. UJesu uthi — Uma ungumfundi waMi kumelwe ube ngolungile hhayi ekuphileni kwakho kuphela, kodwa nasezisuseni zakho, emaphusheni akho, nasekujuleni kwengqondo yakho. Kumelwe uhlanzeke kakhulu ezisuseni zakho kangangokuthi uNkulunkulu uMninimandla Onke angaboni lutho angalusola. Ubani ongama ekuKhanyeni kwaPhakade kukaNkulunkulu kungabikho lutho uNkulunkulu angalusola? YiNdodana kaNkulunkulu kuphela, futhi uJesu Kristu uthi ngokuhlenga kwaKhe angafaka kunoma yimuphi umuntu isimo saKhe esibusayo sangaphakathi, amenze angabi nabala futhi abe lula njengomntwana. Ukuhlanzeka uNkulunkulu akufunayo akunakwenzeka ngaphandle kokuba ngenziwe kabusha ngaphakathi, futhi yilokho uJesu azibophezele ukukwenza ngokuhlenga kwaKhe.

Akekho umuntu ongazenza ahlanzeke ngokulalela imithetho. UJesu Kristu akasiniki imithetho neziqondiso; izimfundiso zaKhe zingamaqiniso angahunyushwa kuphela yisimo esibusayo sangaphakathi asifaka kithi. Isimangaliso esikhulu sensindiso kaJesu Kristu siwukuthi uguqula ufuzo. Akayiguquli imvelo yomuntu; uguqula amandla ayinhloko ayiqhubayo.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa