UKUBUSA PHEZU KOKHOLWAYO
“Ningibiza ngoMfundisi nangeNkosi: futhi nisho kahle; ngoba ngiyikho.”
NgokukaJohane 13:13
INkosi yethu ayilokothi iphikelele ekubeni negunya; ayilokothi ithi — Kumelwe. Isishiya sikhululeke ngokuphelele — sikhululeke kangangokuthi singayikhafulela ebusweni, njengoba abantu benza; sikhululeke kangangokuthi singayibulala, njengoba abantu benza; futhi ayisoze yasho lutho. Kodwa lapho ukuphila kwaKhe sekudaliwe kimi ngokuhlenga kwaKhe ngiliqaphela masinyane ilungelo laKhe lokuba negunya eliphelele phezu kwami. Kuwukubusa kokuziphatha — "Ufanele . . ." Yilokho okungafaneleki kimi kuphela okwenqaba ukukhothamela okufanelekile. Uma ngihlangana nomuntu ongcwele kakhulu kunami, bese ngingakuqapheli ukufaneleka kwakhe futhi ngingakulaleli okuza ngaye, lokho kwembula okungafaneleki kimi. UNkulunkulu usifundisa ngabantu abangcono kancane kunathi, hhayi ngokwengqondo kodwa "ngobungcwele," size sibe ngaphansi kokubusa kweNkosi uqobo, bese sonke isimo sengqondo sokuphila siba ngesokuyilalela Yena.
Ukube iNkosi yethu ibiphikelela ukuba silalele ibiyoba ngumphathi wezigqila, futhi ibiyophelelwa yilo lonke igunya. Ayilokothi iphikelele ukuba silalele, kodwa lapho siyibona siyilalela masinyane, Yena uba yiNkosi yethu ngokwemvelo, futhi siphila siyikhonza kusukela ekuseni kuze kube sebusuku. Ubufakazi bokukhula kwami emuseni buyindlela engibheka ngayo ukulalela. Kumelwe silophule igama elithi "ukulalela" odakeni. Ukulalela kungenzeka kuphela phakathi kwabalinganayo; kuwubuhlobo obuphakathi kukababa nendodana, hhayi phakathi komphathi nenceku. "Mina noBaba siMunye." "Nakuba Yena wayeyiNdodana, wafunda ukulalela ngezinto ahlupheka ngazo." Ukulalela kweNdodana kwakungokwayo njengoMhlengi, ngoba Yena wayeyiNdodana, hhayi ukuze ibe yiNdodana.