IPHUZU LOKUHLONIPHEKA KUKAMOYA
“Ngikweleta amaGreki, kanye namaqaba.”
KwabaseRoma 1:14
UPawulu wagcwala umuzwa wokukweleta kwakhe uJesu Kristu, futhi wazinikela ngokugcwele ukuze awubonise. Ugqozi olukhulu ekuphileni kukaPawulu kwakuwukubheka kwakhe uJesu Kristu njengalowo ayemkweleta ngokukamoya. Ingabe ngiyawuzwa lowo muzwa wokukweleta uKristu ngokuphathelene nawo wonke umphefumulo ongasindisiwe? Ukuhlonipheka kukamoya kokuphila kwami njengongcwele kuwukufeza isikweletu sami kuKristu ngokuphathelene nabo. Yonke ingxenye yokuphila kwami enenani ngiyikweleta ukuhlengwa kukaJesu Kristu; ingabe kukhona engikwenzayo ukuze Yena alethe ukuhlengwa kwaKhe kubonakale ngokoqobo ekuphileni kwabanye? Ngingakwenza kuphela lapho uMoya kaNkulunkulu usebenza kimi lo muzwa wokukweleta.
Akumelwe ngibe ngumuntu ophakeme phakathi kwabantu, kodwa isigqila sempilo yonke seNkosi uJesu. "Anisibo abenu." UPawulu wazithengisa kuJesu Kristu. Uthi — Ngikweleta wonke umuntu osebusweni bomhlaba ngenxa yeVangeli likaJesu; ngikhululekile kuphela ukuba yisigqila esiphelele. Yileso isici sokuphila lapho leli phuzu lokuhlonipheka kukamoya seliqashelwe. Yeka ukuthandaza ngawe futhi uzidele ngenxa yabanye njengesigqila sempilo yonke sikaJesu. Yilokho okushiwo ukwenziwa isinkwa esihlephuliwe newayini elithululiwe ngokoqobo.