UCABANGANI NGALOKHU?
“Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu abeke phansi ukuphila kwakhe ngenxa yomngane wakhe." . . . "Nginibize ngokuthi ningabangane.”
NgokukaJohane 15:13, 15
UJesu akangiceli ukuba ngimfele, kodwa ukuba ngibeke phansi ukuphila kwami ngenxa yaKhe. UPhethro wathi — "Ngizobeka phansi ukuphila kwami ngenxa yakho" futhi wayekuqonde ngempela; umuzwa wakhe wobuqhawe wawumuhle kakhulu. Bekungaba kubi ukungakwazi ukwenza isimemezelo esinjengesikaPhethro; umuzwa womsebenzi wethu uqapheleka kuphela ngomuzwa wethu wobuqhawe. Ingabe iNkosi yake yakubuza ukuthi — "Ingabe uzobeka phansi ukuphila kwakho ngenxa yami?" Kulula kakhulu ukufa kunokubeka phansi ukuphila usuku nosuku unomuzwa wobizo oluphakeme. Asidalelwanga izikhathi ezikhazimulayo, kodwa kumelwe sihambe ekukhanyeni kwazo ngezindlela ezivamile. Kwakunomzuzu owodwa kuphela okhazimulayo ekuphileni kukaJesu, futhi wawuseNtabeni yokuGuqulwa; khona-ke wazithulula okwesibili inkazimulo yaKhe, wehla wangena esigodini esinamadimoni. Iminyaka engamashumi amathathu nantathu uJesu welula ukuphila kwaKhe ukuze enze intando kaYise, futhi, uJohane uthi, "kufanele sibeke phansi ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane." Ukwenza lokhu kuphambene nemvelo yomuntu.
Uma ngingumngane kaJesu, kumelwe ngibeke phansi ukuphila kwami ngenxa yaKhe ngamabomu nangokucophelela. Kunzima, futhi makabongwe uNkulunkulu ukuthi kunzima. Insindiso ilula ngoba yabiza uNkulunkulu okukhulu kangaka, kodwa ukuyibonakalisa ekuphileni kwami kunzima. UNkulunkulu usindisa umuntu amembathise uMoya oNgcwele, bese empeleni ethi — "Manje kubonakalise ngaphandle, thembeka kimi, kuyilapho imvelo yezinto ezikuzungezile ingakwenza ungathembeki." "Nginibize ngokuthi ningabangane." Hlala uthembekile kuMngane wakho, ukhumbule ukuthi udumo lwaKhe lusengozini ekuphileni kwakho komzimba.