QALA UKUNYAKAZA
“Phezu kwalokhu . . . yenezela . . .”
2 KaPhethro 1:5
UPhethro uthi, uzuze imvelo yobuNkulunkulu njengefa (ivesi 4), manje qinisa ugxilise ukunaka kwakho bese wakhe imikhuba, khuthala, gxila. "Yenezela" kusho konke okushiwo yisimilo. Akekho umuntu ozalwa ngokwemvelo noma ngendlela engaphezu kwemvelo enesimilo, kumelwe akhe isimilo. Futhi asizalwa nemikhuba; kumelwe sakhe imikhuba phezu kokuphila okusha uNkulunkulu akufake kithi. Asidalelwanga ukuba yizinhlobo ezikhanyisiwe, kodwa ukuba yizinto ezivamile zokuphila okujwayelekile ezibonisa isimangaliso somusa kaNkulunkulu. Umsebenzi okhandlayo oyisidina uyitshe lokuhlola isimilo. Isithiyo esikhulu ekuphileni komoya ukuthi siyohlale sifuna izinto ezinkulu esingazenza. "UJesu wathatha ithawula . . . waqala ukugeza izinyawo zabafundi."
Kunezikhathi lapho kungekho kukhanyiselwa futhi kungekho njabulo enkulu, kodwa kukhona ukuzungeza kwansuku zonke, umsebenzi ovamile. Umkhuba wansuku zonke uyindlela kaNkulunkulu yokusisindisa phakathi kwezikhathi zethu zogqozi. Ungalindeli ukuthi uNkulunkulu ahlale ekunika imizuzu yaKhe ejabulisayo, kodwa funda ukuphila emkhakheni womsebenzi okhandlayo oyisidina ngamandla kaNkulunkulu.
Yikho "ukwenezela" okunzima. Sithi asilindele ukuba uNkulunkulu asithwale asiyise ezulwini ngemibhede enezimbali yokunethezeka, kodwa senza sengathi sikulindele! Umniningwane omncane kakhulu engilalela kuwo unawo wonke amandla angenamkhawulo omusa kaNkulunkulu ngemuva kwawo. Uma ngenza umsebenzi wami, hhayi ngenxa yomsebenzi uqobo, kodwa ngoba ngikholwa ukuthi uNkulunkulu uhlela futhi abangele izimo zami ngamabomu, khona kanye ephuzwini lokulalela kwami wonke umusa omangalisayo kaNkulunkulu uba ngowami ngomsebenzi wokubuyisana.