UKUFINYELELA LAPHO
“Mfundisi, uhlalaphi? . . . Woza ubone." "Woza nami.”
NgokukaJohane 1:39
"Bahlala naYe ngalolo suku." Yilokho kuphela abanye bethu abake bakwenze, bese sivukela kokungokoqobo kuvele ukuzifunela, ukuhlala naYe bese kuyaphela. Asikho isimo sokuphila lapho thina singenakuhlala kuJesu khona.
"Wena unguSimoni, uyobizwa ngokuthi uKhefase." UNkulunkulu ubhala igama elisha kuphela kulezo zindawo zokuphila kwethu lapho esule khona ukuzidla nokuzimela nokuzifunela. Abanye bethu banegama elisha ezindaweni ezithile kuphela, njengesimungumungwane somoya. Ezingxenyeni ezithile sibukeka silungile. Lapho sisesimweni esihle kakhulu somoya, ungacabanga ukuthi singabangcwele bezinga eliphakeme kakhulu; kodwa ungasibheki lapho singekho kuleso simo. Umfundi ngumuntu onegama elisha elibhalwe kuye yonke indawo; ukuzifunela nokuzidla nokuzimela kusulwe ngokuphelele.
Ukuzidla kungukuzenza unkulunkulu, futhi namuhla kwabanye bethu lokhu akulona uhlobo lomFarisi, kodwa lomthelisi. Ukuthi "Hhawu, mina angiyena ongcwele," kuyamukeleka ekuzidleni kwabantu, kodwa kuwukuhlambalaza uNkulunkulu okungaqashelwa. Ngokwezwi nezwi kusho ukuthi uphonsela uNkulunkulu inselele ukuba akwenze ongcwele, "Ngibuthaka kakhulu futhi anginathemba, ngingaphandle kokufinyelelwa komsebenzi wokubuyisana." Ukuthobeka phambi kwabantu kungaba ukuhlambalaza okungaqashelwa phambi kukaNkulunkulu. Kungani ungeyena ongcwele? Kungenxa yokuthi awufuni ukuba ngongcwele, noma ukuthi awukholwa ukuthi uNkulunkulu angakwenza ube nguye. Uthi, bekuyolunga ukube uNkulunkulu ubengakusindisa, bese ekuyisa ngqo ezulwini. Yilokho kanye azokwenza! "Siyokuza kuye, sihlale naye." Ungabeki mibandela, vumela uJesu abe yikho konke, futhi uyokuyisa ekhaya naYe hhayi usuku olulodwa kuphela, kodwa kuze kube phakade.