Ukuzindla kwansuku zonke

UKUFINYELELA LAPHO

Wozani kimi.

NgokukaMathewu 11:28

Ingabe ngifuna ukufinyelela lapho? Sengikwazi manje. Imibuzo ebalulekile ekuphileni imbalwa ngendlela emangalisayo, futhi yonke iphendulwa ngamazwi athi — "Wozani kimi." Hhayi ukuthi — Yenza lokhu, noma ungakwenzi lokho; kodwa ukuthi — "Wozani kimi." Uma ngiza kuJesu khona-ke ukuphila kwami kwangempela kuyolethwa kuvumelane nezifiso zami eziyiqiniso; ngiyoyeka ngokoqobo ukona, futhi ngithole ngokoqobo ukuthi ihubo leNkosi liyaqala.

Wake weza yini kuJesu? Qaphela inkani yenhliziyo yakho, uzokwenza noma yini kunento eyodwa elula enjengeyomntwana — "Wozani kimi." Uma ufuna okuhlangenwe nakho kwangempela kokuyeka ukona, kumelwe uze kuJesu.

UJesu Kristu uzenza itshe lokuhlola. Bheka indlela asebenzisa ngayo izwi elithi "Woza." Ngezikhathi ezingalindelekile kunazo zonke kuzwakala ukunyenyeza kweNkosi — "Woza kimi," bese udonswa ngokushesha. Ukuxhumana noJesu mathupha kuguqula konke. Yiba yisiwula ngokwanele ukuba uze futhi uzinikele kulokho akushoyo. Isimo sokuza ukuthi intando idedele konke ngokuzimisela bese inikela ngamabomu konke kuYe.

". . . futhi ngizoniphumuza," okungukuthi, ngizonimisa niqine. Hhayi ukuthi — Ngizonilalisa embhedeni ngibambe isandla senu nginiculele nize nilale; kodwa ukuthi — Ngizonikhipha embhedeni, nginikhiphe ebuvilapheni nasekukhathaleni, nginikhiphe esimweni sokuba sengathi nifile ingxenye nibe niphila; ngizonigcwalisa ngomoya wokuphila, futhi niyoqiniswa ngukuphelela komsebenzi ophilayo. Siba ngabazidabukelayo sikhulume "ngokuhlushwa yintando yeNkosi!" Kukuphi kulokho ukuphila okunesithunzi namandla eNdodana kaNkulunkulu?

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa