UBUDLELWANO OBUNGAPHAZAMISEKILE
“Ngalolo suku niyocela egameni lami . . ." "UBaba uqobo uyanithanda.”
NgokukaJohane 16:26, 27
"Ngalolo suku niyocela egameni lami," okungukuthi, emvelweni yami. Hhayi ukuthi — "Niyosebenzisa igama lami njengezwi lomlingo," kodwa ukuthi — "Niyosondelana kakhulu nami nibe munye nami." "Lolo suku" akulona usuku oluzayo, kodwa usuku olwenzelwe ukuba lube lapha namanje. "UBaba uqobo uyanithanda" — ubunye buphelele futhi bungenamkhawulo. INkosi yethu ayisho ukuthi ukuphila ngeke kube nezinto zangaphandle ezididayo, kodwa ukuthi njengoba yayazi inhliziyo nomqondo kaBaba, ngokubhapathizwa ngoMoya oNgcwele ingasiphakamisela ezindaweni zasezulwini lapho ingasembulela khona izeluleko zikaNkulunkulu.
"Noma yini eniyoyicela kuBaba egameni lami. . . ." "Lolo suku" luwusuku lobudlelwano obungaphazamisekile phakathi kukaNkulunkulu nongcwele. Njengoba uJesu wema engenabala ebukhoneni bukaYise, kanjalo ngomphumela onamandla wokubhapathizwa ngoMoya oNgcwele, singaphakanyiselwa kulobo budlelwano — "ukuze babe munye, njengoba nathi simunye."
"Uyoninika khona." UJesu uthi uNkulunkulu uyoyamukela imikhuleko yethu. Yeka inselele! Ngamandla okuvuka nokwenyuka kukaJesu, ngoMoya oNgcwele othunyelwe phansi, singaphakanyiselwa ebudlelwaneni noBaba obunjalo size sivumelane ngokuphelele nentando ephelele nebusa ngokuphelele kaNkulunkulu ngokuzikhethela kwethu okukhululekile njengoba uJesu ayenjalo. Kuleso simo esimangalisayo, esibekwe kuso nguJesu Kristu, singathandaza kuNkulunkulu egameni laKhe, emvelweni yaKhe, eyisiphiwa nguMoya oNgcwele, futhi uJesu uthi — "Noma yini eniyoyicela kuBaba egameni lami, uyoninika yona." — Ubukhosi besimilo sikaJesu Kristu buvivinywa ngezisho zaKhe uqobo.