Ukuzindla kwansuku zonke

ISAMBULO ESINGENAMIBUZO

Ngalolo suku aniyikungibuza lutho.

NgokukaJohane 16:23

Lunini "lolo suku"? Lapho iNkosi eyenyukile ikwenza ube munye noBaba. Ngalolo suku uyoba munye noBaba njengoba uJesu enjalo, futhi "ngalolo suku," kusho uJesu, "aniyikungibuza lutho." Kuze kube yilapho ukuphila kokuvuka kukaJesu kubonakaliswa kuwe, ufuna ukubuza lokhu nalokhuya; bese ngemva kwesikhathi uthola ukuthi yonke imibuzo isihambile, kubonakala sengathi awusenamibuzo ongayibuza. Usufike endaweni yokuncika ngokuphelele ekuphileni kokuvuka kukaJesu okukuletha ekuxhumaneni okuphelele nenjongo kaNkulunkulu. Ingabe uphila lokho kuphila manje? Uma kungenjalo, kungani ungakuphili?

Kungase kube nenqwaba yezinto ezimnyama ekuqondeni kwakho, kodwa azingeni phakathi kwenhliziyo yakho noNkulunkulu. "Ngalolo suku aniyikungibuza mbuzo" — awudingi ukwenza kanjalo, uqiniseke kakhulu ukuthi uNkulunkulu uyoveza izinto ngokuvumelana nentando yaKhe. Okushiwo NgokukaJohane 14:1 sekuyisimo sangempela senhliziyo yakho, futhi ayisekho imibuzo okumelwe ibuzwe. Uma kukhona into eyimfihlakalo kuwe futhi ingena phakathi kwakho noNkulunkulu, ungalokothi ufune incazelo engqondweni yakho, yifune esimweni senhliziyo yakho, yisona esingalungile. Lapho isimo senhliziyo yakho sesivuma ukuzithoba ekuphileni kukaJesu, ukuqonda kuyocaca ngokuphelele, futhi uyofika lapho kungekho banga phakathi kukaBaba nomntwana waKhe ngoba iNkosi ikwenze waba munye, futhi "ngalolo suku aniyikungibuza mbuzo."

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa