UKWAKHELA IPHAKADE
“Ngumuphi kini othi, efuna ukwakha umbhoshongo, angahlali phansi kuqala, abale izindleko, abone ukuthi unakho yini okwanele ukuwuqeda?”
NgokukaLuka 14:28
INkosi yethu ayibhekiseli ezindlekweni okumelwe sizibale, kodwa ezindlekweni Yena azibalile. Izindleko kwakuyileyo minyaka engamashumi amathathu eNazaretha, leyo minyaka emithathu yokuduma, yehlazo nenzondo, ubuhlungu obujulile obungenakulinganiswa eGetsemane, nokuhlaselwa eKhalvari — iphuzu okugxile kulo ukujikela kwaso sonke iSikhathi nePhakade. UJesu Kristu uzibalile izindleko. Ekugcineni abantu ngeke bamhleke bathi — "Lo muntu waqala ukwakha, kodwa akakwazanga ukuqeda."
Izimo zobufundi ezabekwa yiNkosi yethu emav. 26, 27 no-33 zisho ukuthi amadoda nabesifazane iNkosi ezobasebenzisa emisebenzini yaKhe emikhulu yokwakha yilabo uNkulunkulu asewenze konke kubo. "Uma umuntu eza kimi, engazondi . . . akanakuba ngumfundi wami." INkosi yethu isho ukuthi amadoda nabesifazane kuphela iNkosi ezobasebenzisa emisebenzini yaKhe yokwakha yilabo abamthanda ngokomuntu siqu, ngokulangazelela nangokuzinikela okudlula noma yibuphi ubuhlobo obuseduze kakhulu emhlabeni. Izimo zinzima, kodwa ziyakhazimula.
Konke esikwakhayo kuzohlolwa nguNkulunkulu. Ingabe uNkulunkulu uyothola emlilweni waKhe ohlolisisayo ukuthi phezu kwesisekelo sikaJesu sakhe umsebenzi othile ongowethu? Lezi yizinsuku zemisebenzi emikhulu kakhulu, izinsuku lapho sizama ukusebenzela uNkulunkulu, futhi kulapho kukhona ugibe. Uma sikhuluma ngokujulile, asisoze samsebenzela uNkulunkulu. UJesu uyasithatha ukuze asisebenzise emisebenzini yaKhe, emacebweni okwakha angaKhe ngokuphelele, futhi akukho mphefumulo onelungelo lokufuna ukuthi ubekwe kuphi.