UKWAHLULELA PHEZU KOKWALASHA LOTHANDO
“Ngokuba isikhathi sesifikile sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu.”
1 KaPhethro 4:17
Isisebenzi esingumKristu akumelwe neze sikhohlwe ukuthi insindiso ingumcabango kaNkulunkulu, hhayi owomuntu; ngakho ingukwalasha okungenakulinganiswa ukujula kwakho. Insindiso ingumcabango omkhulu kaNkulunkulu, ayikona okuhlangenwe nakho. Okuhlangenwe nakho kuyisango kuphela insindiso engena ngalo ekuphileni kwethu esikuqaphelayo. Ungalokothi ushumayele okuhlangenwe nakho; shumayela umcabango omkhulu kaNkulunkulu ongumthombo walokho okuhlangenwe nakho. Lapho sishumayela asimemezeli ukuthi umuntu angasindiswa kanjani esihogweni abe ngolungile nomsulwa; sidlulisa izindaba ezinhle ngoNkulunkulu.
Ezifundisweni zikaJesu Kristu isici sokwahlulela sihlala sivezwa, siwuphawu lothando lukaNkulunkulu. Ungalokothi uzwelane nomphefumulo okuthola kunzima ukufinyelela kuNkulunkulu, akufanele kusolwe uNkulunkulu. Akuwona umsebenzi wethu ukuthola isizathu sokuthi kungani kunzima, kodwa ukwethula iqiniso likaNkulunkulu ngendlela yokuba uMoya kaNkulunkulu ubonise okungalungile. Isivivinyo esikhulu nesithembekile ekushumayeleni ukuthi kuletha wonke umuntu ekwahlulelweni. UMoya kaNkulunkulu ubeka yilowo nalowo phambi kwakhe uqobo.
Ukube uJesu wake wasinika umyalo angeke akwazi ukusinika amandla okuwufeza, ubengaba ngumqambimanga; futhi uma senza ukungakwazi kwethu kube yisithiyo sokulalela, lokho kusho ukuthi sitshela uNkulunkulu ukuthi kukhona angakucabangelanga. Yonke ingxenye yokuncika kithi ngokwethu kumelwe ibulawe ngamandla kaNkulunkulu. Ubuthakathaka obuphelele nokuncika kuyohlale kuyithuba lokuba uMoya kaNkulunkulu abonakalise amandla aKhe.