UKULUNGELA
“UNkulunkulu wambiza, yena wathi Nangu mina”
I-Eksodusi 3:4
Lapho uNkulunkulu ekhuluma, abaningi bethu bafana nabantu abasenkungwini, asiphenduli. Impendulo kaMose yembula ukuthi wayekhona endaweni ethile. Ukulungela kusho ukuba sebuhlotsheni obulungile noNkulunkulu nokwazi ukuthi sikuphi manje. Simatasatasa sitshela uNkulunkulu lapho singathanda ukuya khona. Owesilisa noma owesifazane olungele uNkulunkulu nomsebenzi waKhe nguye ophumelela lapho kufika ubizo. Silinda sicabanga ngethuba elikhulu, into evusa amadlingozi, lapho lifika siyashesha ukumemeza — "Nangu mina." Noma nini lapho uJesu Kristu ephakanyiswa, sikhona, kodwa asiwulungele umsebenzi ongavelele.
Ukulungela uNkulunkulu kusho ukuthi silungele ukwenza into encane kunazo zonke noma into enkulu kunazo zonke, akwenzi mahluko. Asizikhetheli esifuna ukukwenza, noma ngabe uhlelo lukaNkulunkulu luyini sikhona, silungile. Lapho kuvela noma yimuphi umsebenzi, sizwa izwi likaNkulunkulu njengoba iNkosi yethu yezwa izwi likaYise siwulungele ngakho konke ukuqapha kothando lwethu ngaYe. UJesu Kristu ulindele ukusisebenzisa njengoba uYise amsebenzisa. Angasibeka lapho ethanda khona, emisebenzini emnandi noma emisebenzini ephansi, ngoba ubunye bungobukaBaba naYe uqobo. "Ukuba babe munye, njengoba nathi simunye."
Lungela ukuvakasha kukaNkulunkulu okufika kungazelelwe futhi kukumangaze. Umuntu olungele akalokothi adinge ukuzilungiselela. Cabanga ngesikhathi esisichithayo sizama ukulungela lapho uNkulunkulu esesibizile! Isihlahla esivuthayo siwuphawu lwakho konke okuzungeze umphefumulo olungele, kuvutha ubukhona bukaNkulunkulu.