Ukuzindla kwansuku zonke

UKUZIFAKA ENGOZINI NOMA UNGENZI LUTHO

Kwathi uSimoni Phethro ezwa ukuthi yiNkosi, wabhinca ingubo yakhe yokudoba . . . waziphonsa olwandle.

NgokukaJohane 21:7

Wake waba sesikhathini esibucayi lapho wanikela konke khona ngamabomu nangokugcizelela nangokunganaki ingozi? Yisikhathi esibucayi sentando. Ungase ufike kuso izikhathi eziningi ngaphandle, kodwa lokho kuphelela ezeni. Isikhathi esibucayi sangempela nesijulile sokuzinikela ngokuphelele sifinyelelwa ngaphakathi, hhayi ngaphandle. Ukudela izinto zangaphandle kungase kube uphawu lokuthi usebugqilini ngokuphelele.

Ingabe uyinikele ngamabomu intando yakho kuJesu Kristu? Kuyisenzo sesivumelwano sentando, hhayi semizwa; umuzwa umane uwumphetho wegolide waleso senzo sesivumelwano. Uma uvumela umuzwa uhambe phambili, awusoze wasenza leso senzo. Ungabuzi uNkulunkulu ukuthi leso senzo sesivumelwano kumelwe sibe yini, kodwa senze maqondana nento oyibonayo, kungaba sendaweni engajulile noma ejulile.

Uma uzwile izwi likaJesu Kristu phezu kwamagagasi amakhulu, dedela izinkolelo zakho ziphephuke nomoya, dedela nokungaguquguquki kwakho kuphephuke nomoya, kodwa ugcine ubuhlobo bakho naYe.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa