LEYO MINGCELE YOKUNGATHEMBI
“Bhekani, ihora liyeza . . . lapho niyohlakazeka khona.”
NgokukaJohane 16:32
UJesu akabakhuzi abafundi, ukholo lwabo lwalungokoqobo, kodwa lwaluphazamisekile; lwalungasebenzi ezintweni ezingokoqobo. Abafundi bahlakazekela ezintweni ababezithandela zona, baphilela izithakazelo ezazingekho neze kuJesu Kristu. Ngemva kokuba sesibekwe ebuhlotsheni obuphelele noNkulunkulu ekungcwelisweni, ukholo lwethu kumelwe lusebenze ezintweni ezingokoqobo. Siyohlakazwa, hhayi siyiswe emsebenzini kodwa siyiswe ezincithakalweni zangaphakathi, senziwe sazi ukuthi kusho ukuthini ngaphakathi ukufela izibusiso zikaNkulunkulu. Ingabe sikulungele lokhu? Akukhona ukuthi siyakukhetha, kodwa uNkulunkulu uhlela izimo zethu ngamabomu ukuze silethwe lapho. Singakadluli kulokho okuhlangenwe nakho, ukholo lwethu lusekelwa yimizwa nezibusiso. Lapho sesifikile khona, kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu usibeka kuphi noma ukuthi ziyini izincithakalo zangaphakathi, singamdumisa uNkulunkulu ngokuthi konke kuhamba kahle. Yilokho ukuba ukholo lusebenze ezintweni ezingokoqobo.
". . . ningishiye ngedwa." Ingabe simshiye yedwa uJesu ngenxa yokuhlakazwa okulethwa ukubonelela kwaKhe? Ngenxa yokuthi asimboni uNkulunkulu ezimweni zethu? Ubumnyama buza ngobukhosi bukaNkulunkulu. Ingabe sikulungele ukuvumela uNkulunkulu enze ngathi njengokuthanda kwaKhe — sikulungele ukuhlukaniswa nezibusiso esizizwayo? UJesu Kristu engakabi yiNkosi, sonke sinezinjongo zethu esizisebenzelayo; ukholo lwethu lungokoqobo, kodwa alukagxili. UNkulunkulu akalokothi aphuthume; uma silinda, siyobona ukuthi uNkulunkulu usibonisa ukuthi besingenandaba naYe uqobo kodwa besifuna izibusiso zaKhe kuphela. Ukuzwa isibusiso sikaNkulunkulu kuyisiqalo nje.
"Yimani isibindi, mina ngiwunqobile umhlaba." Esikudingayo ukuqina komoya.