Ukuzindla kwansuku zonke

UKUBE WAWAZI!

Ukube wawazi . . . ngalolu suku lwakho, izinto ezingezokuthula kwakho! Kepha manje zifihliwe emehlweni akho.

NgokukaLuka 19:42

UJesu wayengene eJerusalema ngokunqoba, umuzi wanyakaziswa kwaze kwaba sezisekelweni zawo; kodwa kwakukhona unkulunkulu ongaziwa, ukuziqhenya kobuFarisi; kwakungokwenkolo futhi kuqotho, kodwa "kwakuyithuna elicakiwe."

Yini engiphuphuthekisayo kulolu "suku lwami"? Ingabe nginonkulunkulu ongaziwa — hhayi isilo esinyanyekayo, kodwa isimo esibusayo sangaphakathi? Izikhathi ezingaphezu kwesisodwa uNkulunkulu ungilethe ubuso nobuso nalo nkulunkulu ongaziwa, ngacabanga ukuthi kuzodingeka ngizinikele kodwa angikwenzanga. Ngaphunyuka kuleso sikhathi esibucayi ngokulambisa futhi ngisazithola ngiphethwe yilo nkulunkulu ongaziwa; ngiyimpumputhe ezintweni ezingezokuthula kwami. Kuyinto esabekayo ukuthi singaba sendaweni lapho uMoya kaNkulunkulu kufanele afinyelele kithi engavinjelwa, kodwa nokho sandise ukulahlwa kwethu phambi kukaNkulunkulu.

"Ukube wawazi" — uNkulunkulu uya ngqo enhliziyweni, nezinyembezi zikaJesu zingemuva kwalawo mazwi. La mazwi asho isibopho esisibeka icala; uNkulunkulu usibeka icala ngalokho esingakuboni. "Manje zifihliwe emehlweni akho" — ngoba isimo esibusayo sangaphakathi asikaze sinikelwe. Usizi olungenakulinganiswa lwalokho "obekungaba khona!" UNkulunkulu akalokothi avule iminyango esivaliwe. Uvula eminye iminyango, kodwa usikhumbuza ukuthi kuneminyango esiyivalile, iminyango obekungadingekile neze ukuba ivalwe, nemicabango obekungadingekile neze ukuba ingcoliswe. Ungalokothi wesabe lapho uNkulunkulu ebuyisa okwedlule. Vumela inkumbulo yenze umsebenzi wayo. Iyisikhonzi sikaNkulunkulu ngokukhuza ngokuqondisa ngesijeziso kanye nosizi. UNkulunkulu uyoguqula lokho "obekungaba khona" kube ukuqeqeshwa okumangalisayo kwekusasa.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa