UKUZINIKELA NGOKUPHELELE
“Khona uPetru waqala ukusho kuYe, Bheka, sishiye konke, futhi sikulandele. . . .”
NgokukaMakhu 10:28
Impendulo yeNkosi yethu empeleni ithi, ukuzinikela ngokuphelele kwenzelwa Yena, hhayi lokho abafundi ngokwabo abazokuthola kukho. Qaphela ukuzinikela ngokuphelele okunomoya wokuhweba — "Ngizozinikela kuNkulunkulu ngoba ngifuna ukukhululwa esonweni, ngoba ngifuna ukwenziwa ngcwele." Konke lokho kuwumphumela wokuba nobudlelwano obulungile noNkulunkulu, kodwa lowo moya awuyona ingqikithi yobuKristu. Ukuzinikela ngokuphelele akwenziwa ngenxa yanoma yini nhlobo. Sesigcwele umoya wokuhweba kangangokuba siya kuNkulunkulu kuphela ukuze sithole okuthile kuYe, hhayi ngoba sifuna Yena uqobo. Kufana nokuthi, "Cha, Nkosi, angikufuni Wena, ngifuna mina; kodwa ngifuna mina ngihlanzekile futhi ngigcwaliswe ngoMoya oNgcwele; ngifuna ukubekwa egumbini laKho lombukiso futhi ngikwazi ukusho — 'Yilokhu uNkulunkulu angenzele khona.'" Uma sinikela okuthile kuNkulunkulu ngoba sifuna okungaphezulu kubuyele kithi, akukho lutho lukaMoya oNgcwele ekuzinikeleni kwethu; kuwukuzifunela inzuzo njengomthengisi okudabukisayo. Ukuthi sizuza izulu, ukuthi sikhululwa esonweni, ukuthi senziwa sibe usizo kuNkulunkulu — lezi zinto azilokothi zibe yizizathu zokuzinikela kwangempela, okuwukuthanda uJesu Kristu uqobo komuntu siqu okubusa konke.
Lapho sihlangana nezithiyo zobudlelwano bemvelo, ukuphi uJesu Kristu? Abaningi bethu bayamshiya — "Yebo, Nkosi, ngiluzwile ubizo lwaKho; kodwa umama umi endleleni, umkami, ukuzifunela kwami, futhi angisakwazi ukuqhubeka." "Khona-ke," kusho uJesu, "awukwazi ukuba umfundi waMi."
Isivivinyo sokuzinikela ngokuphelele sihlala singale komkhawulo wokuzinikela kwemvelo[1]. Dlulela ngale kwalowo mkhawulo, futhi ukuzinikela kukaNkulunkulu uqobo kuyobasingatha bonke okwadingeka ubazwise ubuhlungu lapho uzinikela. Qaphela ukuma ungakafiki ekuzinikeleni ngokuphelele kuNkulunkulu. Abaningi bethu bazi ukuzinikela ngokuphelele ngombono kuphela.