YIBA NOMYALEZO FUTHI UBE YIWO
“Shumayela izwi.”
2 KuThimothewu 4:2
Asisindiselwanga ukuba sibe "imigudu kuphela," kodwa ukuba sibe amadodana kanye namadodakazi kaNkulunkulu. Asiphendulwanga izidlulisi zomoya, kodwa izithunywa zomoya; umlayezo kumelwe ube yingxenye yethu. INDodana kaNkulunkulu yayingumyalezo waKhe uqobo, amazwi aKhe ayengumoya nokuphila; futhi njengabafundi baKhe ukuphila kwethu kufanele kube isakramente lomlayezo wethu. Inhliziyo yemvelo ingenza inkonzo eningi kakhulu, kodwa kudingeka inhliziyo ephulwe ukuqondiswa ngecala lesono, yabhapathizwa nguMoya oNgcwele, yagoqwa yangena enjongweni kaNkulunkulu ngaphambi kokuba ukuphila kube isakramente lomlayezo wako.
Kunomehluko phakathi kokunikeza ubufakazi nokushumayela. Umshumayeli yilowo oseluqaphelile ubizo lukaNkulunkulu futhi ozimisele ukusebenzisa wonke amandla akhe ukumemezela iqiniso likaNkulunkulu. UNkulunkulu usikhipha emibonweni yethu yokuphila kwethu futhi "siyashaywa silungiselelwe isimo nokusetshenziswa," njengoba kwenzeka kubafundi ngemva kwePhentekoste. IPhentekoste alibafundisanga lutho abafundi; labenza baba ukubonakaliswa enyameni kwalokho ababekushumayela — "Niyakuba ofakazi baMi."
Vumela uNkulunkulu abe nenkululeko ephelele lapho ukhuluma. Ngaphambi kokuba umlayezo kaNkulunkulu ukhulule eminye imiphefumulo, ukukhululeka kufanele kube ngokoqobo kuwe. Qoqa konke ozokusebenzisa, bese ukuthungela lapho ukhuluma.