UKUFUNA OKUNGADAMBI
“Yondla izimvu zaMi.”
NgokukaJohane 21:17
Lolu uthando olusakhiwayo. Uthando lukaNkulunkulu alwenziwanga, luyimvelo kaNkulunkulu. Lapho samukela uMoya oNgcwele usihlanganisa noNkulunkulu ukuze uthando lwaKhe lubonakaliswe kithi. Lapho umphefumulo uhlanganiswa noNkulunkulu ngo Moya oNgcwele ohlala ngaphakathi, akusona isiphetho; isiphetho ukuba sibe munye noBaba njengoba uJesu ayenjalo. UJesu Kristu wayenobunye obunjani noBaba? Ubunye bokuthi uBaba wamthumela lapha phansi ukuze azichithe ngenxa yethu, futhi uthi — "Njengoba uBaba engithumile, kanjalo nami ngiyanithuma."
UPetru manje uyaqaphela ngokwambuleka kombuzo weNkosi obuhlungu ukuthi uyamthanda ngempela; bese kufika iphuzu — "Luchithe." Ungafakazi ukuthi ungithanda kangakanani, ungamemezeli ngesambulo esimangalisayo ositholile, kodwa — "Yondla izimvu zaMi." Futhi uJesu unezimvu ezingajwayelekile ngendlela emangalisayo, ezinye ezinoboya obudungekile, ezingcolile, ezinye ezixakile, ezishayana ngamakhanda, ezinye ezidukile! Akunakwenzeka ukuluqeda amandla uthando lukaNkulunkulu, futhi akunakwenzeka ukuqeda amandla lolo thando kimi uma luvela esizindeni esisodwa. Uthando lukaNkulunkulu alunaki umehluko owenziwa ubunjalo bemvelo bomuntu ngamunye. Uma ngithanda iNkosi yami anginalungelo lokuholwa yisimo sami semizwa semvelo; kumelwe ngondle izimvu zaKhe. Akukho mpumuzo futhi akukho kukhululwa kulo myalo. Qaphela ukulingisa uthando lukaNkulunkulu ngokulandela uzwela lwemvelo lomuntu, ngoba lokho kuyogcina ngokuhlambalaza uthando lukaNkulunkulu.