Ukuzindla kwansuku zonke

INGABE UBUZWILE UBUHLUNGU BENKOSI?

UJesu wathi kuye ngokwesithathu, Uyangithanda?

NgokukaJohane 21:17

Ingabe ubuzwile ubuhlungu beNkosi buze bufike enyameni ezwelayo ngaphansi kozipho eseyembuliwe[1], lapho kuhlala khona ukuzwela kwangempela kokuphila kwakho? UDeveli akalimazi lapho, isono noma uthando olufudumele lomuntu nakho akulimazi lapho, akukho okufinyelela kuleyo ndawo ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu. "UPetru wadabuka ngoba uJesu wathi kuye ngokwesithathu. . . ." Wayevuka aqaphele ukuthi enkabeni yeqiniso yokuphila kwakhe njengomuntu wayezinikele kuJesu, waqala nokubona ukuthi kwakusho ukuthini ukubuzwa ngesineke. Kwakungasekho ngisho nomucu omncane wenkohliso engqondweni kaPetru, wayengeke aphinde akhohliswe. Kwakungekho indawo yamazwi anentshiseko, ingekho indawo yokwenama noma yokuphathwa imizwa. Kwaba yisambulo kuye ukuqaphela ukuthi wayeyithanda kangakanani iNkosi, futhi ngokumangala wathi — "Nkosi, Wena wazi zonke izinto." UPetru waqala ukubona ukuthi wayemthanda kangakanani uJesu; kodwa akashongo — "Bheka lokhu noma lokho ukuze ukuqinisekise." UPetru waqala ukuzitholela ukuthi wayeyithanda kangakanani iNkosi, ukuthi kwakungekho omunye ezulwini phezulu noma emhlabeni phansi ngaphandle kukaJesu Kristu; kodwa akazange akwazi lokho kwaze kwafika imibuzo yeNkosi ehlolayo, ebuhlungu. Imibuzo yeNkosi ihlala ingembula kimi uqobo.

Ukuqondisa kukaJesu Kristu ngesineke kanye nekhono laKhe ekusebenzelaneni noPetru! INkosi yethu ayibuzi imibuzo kuze kufike isikhathi esifanele. Akuvamile, kodwa mhlawumbe kanye, iyosifaka ekhoneni lapho iyosilimaza khona ngemibuzo yaYo engachezuki, futhi siyoqaphela ukuthi siyithanda ngokujule kakhulu kunalokho noma yikuphi ukumemezela okungakuveza.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa