UBIZO LUKANKULUNKULU
“Ngokuba uKristu akangithumanga ukuba ngibhapathize, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli.”
1 KwabaseKhorinte 1:17
UPawulu uthi lapha ubizo lukaNkulunkulu olokushumayela ivangeli; kodwa khumbula lokho uPawulu akushoyo ngokuthi "ivangeli," okungukuthi, ubuqiniso bokuhlengwa eNkosini yethu uJesu Kristu. Sivame ukwenza ukungcweliswa kube isiphetho sakho konke ukushumayela kwethu. UPawulu ubhekisela kokuhlangenwe nakho kwakhe njengomfanekiso, hhayi nanini njengesiphetho sendaba. Akukho lapho sithunywe khona ukuba sishumayele insindiso noma ukungcweliswa; sithunywe ukuba siphakamise uJesu Kristu (NgokukaJohane 12:32). Kuwukuhlanekezela ukusho ukuthi uJesu Kristu wahlupheka emsebenzini wokuhlenga ukuze enze mina ngibe ngongcwele. UJesu Kristu wahlupheka emsebenzini wokuhlenga ukuze ahlenge umhlaba wonke, futhi awubeke ungonakalisiwe futhi ubuyiselwe esimweni phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Iqiniso lokuthi singakuzwa ukuhlengwa liwumfanekiso wamandla obuqiniso bokuhlengwa, kodwa lokho akusona isiphetho sokuhlengwa. Ukube uNkulunkulu ubengumuntu, yeka indlela abeyogula ngayo enhliziyweni futhi akhathale ngenxa yezicelo ezingapheli esizenzayo zensindiso yethu, zokungcweliswa kwethu. Sisebenzisa amandla aKhe kusukela ekuseni kuze kube sebusuku ngenxa yezinto zethu — into ethile mina engizokhululwa kuyo! Lapho sithinta idwala eliyisisekelo lobuqiniso beVangeli likaNkulunkulu, asisoze siphinde sihluphe uNkulunkulu ngezikhalazo ezincane zomuntu siqu.
Okuwukuphela kwentshiseko ekuphileni kukaPawulu kwakuwukumemezela iVangeli likaNkulunkulu. Wamukela izinhliziyo eziphukile, ukudumazeka, usizi, ngesizathu esisodwa kuphela, ngoba lezi zinto zamgcina ekuzinikeleni okunganyakaziswa eVangelini likaNkulunkulu.