UYALUBONA UBIZO LAKHO?
“Ngahlukaniselwa iVangeli.”
KwabaseRoma 1:1
Ubizo lwethu ngokuyinhloko alulona olokuba amadoda nabesifazane abangcwele, kodwa olokuba abamemezeli beVangeli likaNkulunkulu. Into eyodwa ebaluleke kunazo zonke ukuthi iVangeli likaNkulunkulu liqondwe njengoBuqiniso obuhlala njalo. Ubuqiniso akubona ubuhle bomuntu, noma ubungcwele, noma izulu, noma isihogo; kodwa buwukuhlengwa; futhi isidingo sokukubona lokhu siyisidingo esibaluleke kunazo zonke sesisebenzi esingumKristu namuhla. Njengezisebenzi kumelwe sijwayele isambulo sokuthi ukuhlengwa kuwukuphela koBuqiniso. Ubungcwele bomuntu buwumphumela, hhayi imbangela, futhi uma sibeka ukholo lwethu ebuhleni bomuntu, emphumeleni wokuhlengwa, siyowa lapho kufika uvivinyo.
UPawulu akashongo ukuthi wazihlukanisa, kodwa — "lapho kwamthokozisa uNkulunkulu owangehlukanisa. . ." UPawulu wayengenasithakazelo esizwela ngokweqile esimilweni sakhe. Uma nje amehlo ethu esebumhlophe bethu siqu asisoze sasondela kubuqiniso bokuhlengwa. Izisebenzi ziyabhidlika ngoba isifiso sazo singobumhlophe bazo, hhayi ngoNkulunkulu. "Ungangiceli ukuba ngithintane nobuqiniso obumangelengele bokuhlengwa ngenxa yokungcola kokuphila kobuntu njengoba kunjalo; engikufunayo yinoma yini uNkulunkulu angangenzela yona ukuze ngithandeke kakhulu emehlweni ami." Ukukhuluma ngaleyo ndlela kuwuphawu lokuthi ubuqiniso beVangeli likaNkulunkulu abukaqali ukungithinta; akukho ukuzinikela okuphelele kuNkulunkulu okungenandaba nemiphumela. UNkulunkulu akanakungikhulula uma isithakazelo sami sisesimilweni sami kuphela. UPawulu akazinaki yena, uzinikele ngokuphelele engayinaki imiphumela, uhlukaniswe nguNkulunkulu ngenxa yenjongo eyodwa — ukumemezela iVangeli likaNkulunkulu (qhath. KwabaseRoma 9:3.)