Ukuzindla kwansuku zonke

LAPHO IMPI IHLULWA FUTHI INQOTSHWA KHONA

Uma uyobuya, O Israyeli, kusho iNkosi. . . .

UJeremiya 4:1

Impi ihlulwa noma inqotshwe ezindaweni eziyimfihlo zentando phambi kukaNkulunkulu, hhayi okokuqala ezweni langaphandle. UMoya kaNkulunkulu uyangibamba futhi ngiphoqeleka ukuba ngibe ngedwa noNkulunkulu ngilwe impi iphele phambi kwaKhe. Kuze kube lokhu sekwenziwe, njalo ngiyahlulwa. Impi ingathatha umzuzu owodwa noma unyaka, lokho kuyoxhomeka kimi, hhayi kuNkulunkulu; kodwa kumelwe ngiyilwe ngize ngiyinqobe ngingedwa phambi kukaNkulunkulu, futhi kumelwe ngidlule ngokuqinile esihogweni sokudela phambi kukaNkulunkulu. Akukho okungaba namandla phezu komuntu olwe impi yaphela phambi kukaNkulunkulu wayinqoba khona.

Uma ngithi, "Ngizolinda ngize ngingene ezimweni bese ngivivinya uNkulunkulu," ngiyothola ukuthi angikwazi. Kumelwe indaba ngiyixazulule phakathi kwami noNkulunkulu ezindaweni eziyimfihlo zomphefumulo wami lapho kungekho muntu wangaphandle ogxambukelayo, khona ngingaphuma nginesiqiniseko sokuthi impi inqotshiwe. Uma ngihlulwa lapho, khona inhlekelele nomonakalo nokuphazamiseka kuqine njengomthetho kaNkulunkulu. Isizathu sokunganqotshwa kwempi ukuthi ngizama ukuyinqoba ezweni langaphandle kuqala. Yiba wedwa noNkulunkulu, yilwe iphele phambi kwaKhe, yixazulule lapho kube kanye kuphela.

Ekusebenzelaneni nabanye abantu, indlela okufanele siyithathe ukubaphoqelela ukuba benze isinqumo sentando. Yileyo ndlela ukuzinikela okuphelele okuqala ngayo. Njalo ngezikhathi ezithile, akuvamile, kodwa ngezinye izikhathi, uNkulunkulu usiletha endaweni yesinqumo esiphakeme. Lokho Kuwukwahlukana Okukhulu ekuphileni; kusukela lapho siye siqonde ohlotsheni lokuphila kobuKristu olulibala ngokwandayo futhi olungenamsebenzi, noma sivutha ngokwandayo ngenxa yenkazimulo kaNkulunkulu — Konke okusemandleni ami kulokho okuphakeme kakhulu kwaKhe.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa