AMANDLA KANKULUNKULU ANGACHEMI
“Ngoba ngomnikelo owodwa ubaphelelisile phakade labo abangcweliswayo.”
KumaHebheru 10:14
Sinyathela igazi leNdodana kaNkulunkulu ngezinyawo uma sicabanga ukuthi sithethelelwe ngoba sidabukile ngezono zethu. Okuwukuphela kwencazelo yokuthethelela kukaNkulunkulu nokujula okungenakulinganiswa kokukhohlwa kwaKhe ukufa kukaJesu Kristu. Ukuphenduka kwethu kumane kungumphumela wokuqaphela kwethu siqu umsebenzi wokubuyisana Yena asifezele wona. "UKristu Jesu . . . wenziwa kithi ukuhlakanipha, nokulunga, nokungcweliswa, nokuhlengwa." Lapho siqaphela ukuthi uKristu wenziwe konke lokhu kithi, kuqala injabulo kaNkulunkulu engenamkhawulo; nomaphi lapho injabulo kaNkulunkulu ingekho khona, isigwebo sokufa siyasebenza.
Akunandaba ukuthi singobani noma siyini, kukhona ukubuyiselwa okuphelele kuNkulunkulu ngokufa kukaJesu Kristu futhi ayikho enye indlela, hhayi ngoba uJesu Kristu enxusa, kodwa ngoba wafa. Akuzuzwa, kodwa kwamukelwa. Konke ukunxusa okwenqaba ngamabomu ukuqaphela isiPhambano akusizi ngalutho; kuwukushaya omunye umnyango kunalowo uJesu awuvulile. Angifuni ukuza ngaleyo ndlela, kuyalulaza kakhulu ukwamukelwa njengesoni. "Alikho elinye iGama . . ." Ukubonakala kukaNkulunkulu engenanhliziyo kuyisibonakaliso senhliziyo yaKhe yangempela, endleleni yaKhe kukhona ukungena okungenamkhawulo. "Sinokuthethelelwa ngegazi laKhe." Ukuzihlanganisa nokufa kukaJesu Kristu kusho ukuzihlanganisa naYe kuze kufe konke okwakungekho kuYe nakanye.
UNkulunkulu ulungile ekusindiseni abantu ababi kuphela lapho ebenza babe bahle. INkosi yethu ayenzi sengathi silungile lapho sonke sonakele. Umsebenzi wokubuyisana ungumhlatshelo wenhlawulo uNkulunkulu enza ngawo umuntu ongengcwele abe ngcwele ngokufa kukaJesu.