ITHEMPELI LOMOYA ONGCWELE
“Kusesihlalweni sobukhosi kuphela lapho ngiyoba mkhulu kunawe.”
IGenesisi 41:40
Kumelwe ngiziphendulele kuNkulunkulu ngendlela engibusa ngayo umzimba wami ngaphansi kokubusa kwaKhe. UPawulu wathi akazange "awenze ize umusa kaNkulunkulu" — awenze ungasebenzi. Umusa kaNkulunkulu uphelele, insindiso kaJesu iphelele, yenziwe unomphela. Angisindiswa manje, ngisindisiwe; insindiso ingunaphakade njengesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu; okufanele ngikwenze ukufeza lokho uNkulunkulu akusebenza ngaphakathi. "Fezani insindiso yenu," nginomthwalo wokukwenza. Kusho ukuthi kumelwe ngibonakalise kulo mzimba ukuphila kweNkosi uJesu, hhayi ngendlela eyimfihlakalo, kodwa ngokoqobo nangokugcizelela. "Ngiyawucindezela umzimba wami, ngiwufake ngaphansi kokulawula." Wonke ongcwele angakwazi ukugcina umzimba wakhe ngaphansi kokulawula okuphelele ngenxa kaNkulunkulu. UNkulunkulu usenze ukuba sibuse lonke ithempeli loMoya oNgcwele, sibuse amandla okucabanga nothando. Sinesibopho ngalezi zinto, futhi akumelwe nakanye sivumele uthando oludlulele. Iningi lethu liqinisa kakhulu kwabanye kunakithi; senza izaba ngezinto ezingaphakathi kwethu sibe silahla kwabanye izinto esingathambekele kuzo ngokwemvelo.
"Ngiyanincenga," kusho uPawulu, "nikeleni imizimba yenu ibe ngumhlatshelo ophilayo." Iphuzu okumelwe linqunywe yileli — "Ngiyavumelana yini neNkosi noMfundisi wami ukuthi umzimba wami uyoba yithempeli laKhe?' Uma kunjalo, khona kimi wonke umthetho womzimba ufingqwa kulesi sambulo, sokuthi umzimba wami uyithempeli loMoya oNgcwele.