Ukuzindla kwansuku zonke

OKUNGAJULILE NOKUJULILE

Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma yini eniyenzayo, konke kwenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.

1 KwabaseKhorinte 10:31

Qaphela ukuzivumela ucabange ukuthi izindaba zokuphila ezingajulile azimisiwe nguNkulunkulu; zingezikaNkulunkulu njengalezo ezijulile. Akusikho ukuzinikela kwakho kuNkulunkulu okwenza wenqabe ukuba ongajulile, kodwa kuyisifiso sakho sokuhlaba abanye umxhwele ngokuthi awungojulile, okuwuphawu oluqinisekile lokuthi uyisikhukhumezi esingokomoya. Qaphela ukwakheka kokudelela ngaphakathi kuwe, kuhlale kuza ngale ndlela, futhi kukwenza uhambe njengokusola okuhambayo kwabanye abantu ngoba bona abajulile kunawe. Qaphela ukuzenza umuntu ojulile; uNkulunkulu waba ngumntwana.

Ukuba ongajulile akulona uphawu lobubi, futhi ukungajuli akusho ukuthi akukho okujulile: ulwandle lunogu. Izinto ezilula nezijabulisayo zokuphila, ukudla nokuphuza, ukuhamba nokukhuluma, zonke zimiswe nguNkulunkulu. Lezi yizinto iNkosi yethu eyaphila kuzo. Yaphila kuzo njengeNdodana kaNkulunkulu, futhi yathi "umfundi akangaphezu koMfundisi wakhe."

Isivikelo sethu sisezintweni ezingajulile. Kumelwe siphile ukuphila kwansuku zonke kwengqondo ephusile ngendlela yengqondo ephusile; lapho kufika izinto ezijulile, uNkulunkulu usinika zona ngaphandle kwezindaba ezingajulile. Ungabonisi okujulile kunoma ubani ngaphandle kukaNkulunkulu. Sizithatha ngokungathi sína ngendlela enyanyekayo, sizihlupha ngokweqile ngezimilo zethu siqu, size senqabe ukuziphatha njengamaKristu ezindabeni zokuphila ezingajulile.

Ngokuzimisela ungathathi muntu ngokungathi sína ngaphandle kukaNkulunkulu, futhi umuntu wokuqala othola ukuthi kumelwe umshiye ngokuphelele ngoba engumkhohlisi omkhulu kunabo bonke owake wabazi, nguwe.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa