UKULWELA UKUNGENA ENKULULEKWENI
“Ngakho uma iNdodana inikhulula, niyoba ngabakhululekile ngempela.”
NgokukaJohane 8:36
Uma kusekhona noma iyiphi insalela yokuzidla kobunjalo bomuntu ngamunye, ihlale ithi "Angikwazi." Ubuntu bomuntu abulokothi buthi "Angikwazi," kodwa bumane bumunce buqhubeke bumunca. Ubuntu bomuntu buhlale bufuna okwengeziwe. Yindlela esakhiwe ngayo. Sadalwa sinekhono elikhulu lokwamukela uNkulunkulu; futhi isono nobunjalo bethu bomuntu ngamunye yizinto ezisivimbela ukufinyelela kuNkulunkulu. UNkulunkulu usikhulula esonweni: thina kumelwe sizikhulule ebunjalweni bomuntu ngamunye, okungukuthi, sinikele ukuphila kwethu okungokwemvelo kuNkulunkulu futhi sikwenze umhlatshelo kuze kuguqulwe kube ukuphila okungokomoya ngokulalela.
UNkulunkulu akanaki nhlobo ubunjalo bethu bemvelo bomuntu ngamunye ekukhulisweni kokuphila kwethu okungokomoya. Uhlelo lwaKhe lunqamula ukuphila okungokwemvelo, futhi kumelwe siqinisekise ukuthi sisiza uNkulunkulu futhi sibambisana naYe, singamelani naYe sithi — Angikwazi ukwenza lokho. UNkulunkulu ngeke asiqeqeshe, kumelwe siziqeqeshe thina. UNkulunkulu ngeke athumbe yonke imicabango namandla okucabanga; kumelwe sikwenze thina. Ungathi — O Nkosi, ngihlushwa yimicabango ezulazulayo. Ungavumi ukuhlushwa yimicabango ezulazulayo. Yeka ukulalela ubushiqela bobunjalo bakho bomuntu ngamunye futhi ukhululwe ungene ebuntwini bomuntu.
"Uma iNdodana inikhulula . . ." Ungafaki 'uMsindisi' esikhundleni 'seNdodana.' UMsindisi usikhulula esonweni; lena yinkululeko yokukhululwa yiNdodana. Yilokho uPawulu akushoyo evesini elithi KwabaseGalathiya 2:20 — "Ngibethelwe esiphambanweni kanye noKristu," ubunjalo bakhe bemvelo bomuntu ngamunye buphuliwe futhi ubuntu bakhe bomuntu buhlanganiswe neNkosi yakhe, abuxutshaniswanga kodwa buhlanganisiwe. "Niyoba ngabakhululekile ngempela," nikhululeke ngokwengqikithi, nikhululeke ngaphakathi. Siphikelela ekusebenziseni amandla, esikhundleni sokunikwa amandla ukuze sihlanganiswe noJesu.