Ukuzindla kwansuku zonke

UBUNGCWELE BEZIMO OBUNGANAKWA

Zonke izinto zisebenzelana okuhle kulabo abathanda uNkulunkulu.

KwabaseRoma 8:28

Izimo zokuphila kongcwele zimiswe nguNkulunkulu. Ekuphileni kongcwele ayikho into eyenzeka ngengozi. Ngokuhlinzeka kwaKhe uNkulunkulu ukuletha ezimweni ongeke neze waziqonda, kodwa uMoya kaNkulunkulu uyaziqonda. UNkulunkulu ukuletha ezindaweni naphakathi kwabantu nasezimweni ukuze ukunxusela koMoya ongaphakathi kuwe kulandele indlela ethile eqondile. Ungalokothi uvimbe izimo ngesandla sakho uthi — Mina ngizozihlinzekela lapha, kumelwe ngibheke lokhu, ngiqaphe lokho. Zonke izimo zakho zisesandleni sikaNkulunkulu, ngakho ungalokothi ucabange ukuthi izimo okuzo ziyinqaba. Ingxenye yakho emthandazweni wokunxusela akusikho ukungena ebuhlungwini obukhulu bokunxusela, kodwa ukusebenzisa izimo ezivamile neziphusile uNkulunkulu akufaka kuzo, nabantu abavamile nabaphusile akubeka phakathi kwabo ngokuhlinzeka kwaKhe, ukubaletha phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nokunika uMoya ongaphakathi kuwe ithuba lokubanxusela. Ngale ndlela uNkulunkulu uyoshanela umhlaba wonke ngabangcwele baKhe.

Ingabe ngenza umsebenzi woMoya oNgcwele ube nzima ngokuba ngingacacile, noma ngokuzama ukumenzela umsebenzi waKhe? Kumelwe ngenze uhlangothi lomuntu lokunxusela, futhi uhlangothi lomuntu luyizimo engikuzo nabantu engixhumana nabo. Kumelwe ngigcine ukuphila kwami okuqaphelayo njengendawo engcwele yoMoya oNgcwele, khona-ke lapho ngiletha abantu abahlukene phambi kukaNkulunkulu, uMoya oNgcwele uyabanxusela.

Ukunxusela kwakho akusoze kwaba okwami, nokunxusela kwami akusoze kwaba okwakho, kodwa uMoya oNgcwele unxusela ekuphileni kwethu ngabanye, ngaphandle kwalokho kunxusela othile uyoba mpofu.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa