ABAHLANGANYELA EZINHLUPHEKWENI ZAKHE
“Jabulani, njengoba nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKristu.”
1 KaPhethro 4:13
Uma uzosetshenziswa nguNkulunkulu, uyokudlulisa ezinhlobonhlobo eziningi zokuhlangenwe nakho okungahloselwe wena nhlobo, kuhloselwe ukukwenza ube wusizo ezandleni zaKhe, nokukwenza ukwazi ukuqonda okwenzeka ngaphakathi kweminye imiphefumulo ukuze ungalokothi umangaliswe yilokho ohlangana nakho. O, angikwazi ukubhekana nalowo muntu. Kungani? UNkulunkulu wakunika ithuba elanele lokucwila phambi kwaKhe ngaleyo ndaba, futhi wahamba ngokuxhamazela ngoba kwakubonakala kuwubuwula ukuchitha isikhathi ngaleyo ndlela.
Izinhlupheko zikaKristu akuzona ezabantu abavamile. Wahlupheka "ngokwentando kaNkulunkulu," hhayi ngokombono esihlupheka ngawo njengabantu ngabanye. Kulapho sihlobene noJesu Kristu kuphela lapho singaqonda khona lokho uNkulunkulu akuhlosile ekusebenzelaneni kwaKhe nathi. Kuyingxenye yokuqeqeshwa kobuKristu ukwazi ukuthi iyini injongo kaNkulunkulu. Emlandweni weBandla lobuKristu ukuthambekela kube wukubalekela ukuzihlanganisa nezinhlupheko zikaJesu Kristu; abantu bazamile ukuba uhlelo lukaNkulunkulu lufezwe ngesinqamuleli sabo. Indlela kaNkulunkulu ihlale iyindlela yokuhlupheka, indlela "yomzila omude, omude."
Ingabe siyahlanganyela ezinhluphekweni zikaKristu? Ingabe sikulungele ukuba uNkulunkulu anyathele aziqede ngokuphelele izifiso zethu siqu? Ingabe sikulungele ukuba uNkulunkulu abhubhise ukuzimisela kwethu komuntu ngamunye ngokukuguqula? Lokhu ngeke kusho ukuthi sazi ngokuqondile ukuthi kungani uNkulunkulu esihambisa ngaleyo ndlela, lokho bekuyosenza abantu abazishaya abangcono ngokomoya. Asiqapheli ngesikhathi ukuthi uNkulunkulu usidlulisa kuphi; sidlula kukho singaqondi kahle ngokwezinga elithile; bese sifika endaweni ekhanyayo, sithi — ' 'Hawu, uNkulunkulu ungibhincile, nakuba bengingazi!"