SIYINI ISITHUNYWA SEVANGELI?
“Njengoba uBaba waMi engithumile, nami ngiyanithuma.”
NgokukaJohane 20:21
Isithunywa sevangeli ngumuntu othunywe nguJesu Kristu njengoba naYe athunywa nguNkulunkulu. Iphuzu elikhulu elibusayo akuzona izidingo zabantu, kodwa umyalo kaJesu. Umthombo wogqozi lwethu emsebenzini kaNkulunkulu ungemuva kwethu, awukho ngaphambi kwethu. Ukuthambekela kwanamuhla ukubeka ugqozi phambili kwethu, ukushanela konke okuphambi kwethu sikuphoqe ukuba kuvumelane nombono wethu wempumelelo. ETestamenteni Elisha ugqozi lubekwe ngemva kwethu, yiNkosi uJesu. Umgomo uwukuba sithembeke kuYe, sifeze imisebenzi yaKhe.
Ukunamathela komuntu siqu eNkosini uJesu nasembonweni waKhe kuyinto eyodwa okungafanele ishaywe indiva. Emsebenzini wezithunywa zevangeli ingozi enkulu iwukuba ubizo lukaNkulunkulu lususwe yizidingo zabantu kuze uzwela lwabantu luyigubuzele ngokuphelele incazelo yokuthunywa nguJesu. Izidingo zinkulu kakhulu, izimo zidida kakhulu, kangangokuthi wonke amandla engqondo ayantengantenga futhi ehluleke. Siyakhohlwa ukuthi isizathu esisodwa esikhulu esisekela wonke umsebenzi wezithunywa zevangeli asikona kuqala ukuphakanyiswa kwabantu, noma ukufundiswa kwabantu, noma izidingo zabo; kodwa kuqala nangaphezu kwakho konke singumyalo kaJesu Kristu — "Hambani-ke, nifundise izizwe zonke."
Lapho sibheka emuva ekuphileni kwamadoda nabesifazane bakaNkulunkulu sivame ukuthi — Yeka ukuhlakanipha okukhaliphile okumangalisayo ababenakho! Yeka ukuthi babekuqonda ngokuphelele kangakanani konke uNkulunkulu ayekufuna! Ingqondo ekhaliphile eyayiqondisa konke kwakuyiNgqondo kaNkulunkulu, kwakungekhona neze ukuhlakanipha komuntu. Sinika ukuhlakanipha komuntu udumo okufanele silunike isiqondiso saphezulu sikaNkulunkulu ngokusebenzisa abantu abanjengezingane ababenobuwula ngokwanele ukuba bathembele ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu nasekuhlonyisweni kukaNkulunkulu okungaphezu kwemvelo.