CHA NEZE!
“Uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha: izinto ezindala zidlulile.”
2 KwabaseKhorinte 5:17
INkosi yethu ayilokothi itotose ubandlululo lwethu, iyalubulala, ilunqamula ngokuphelele. Sicabanga ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo esikhethekile obandlululweni lwethu oluthile; siqinisekile impela ukuthi uNkulunkulu akasoze asebenzelana nathi ngendlela asebenzelana ngayo nabanye abantu. "UNkulunkulu kumelwe asebenzelane nabanye abantu ngendlela eqine kakhulu, kodwa vele uyazi ukuthi ubandlululo lwami lulungile." Kumelwe sifunde — "Cha neze!" Esikhundleni sokuba uNkulunkulu abe ngasohlangothini lobandlululo lwethu, ulususa ngamabomu. Kuyingxenye yokuqeqeshwa kwethu kokuziphatha ukuba ukuhlinzeka kwaKhe kunqamule ngqo ubandlululo lwethu, nokubuka indlela akwenza ngayo. UNkulunkulu akahloniphi lutho esiluletha kuYe. Yinye kuphela into uNkulunkulu ayifunayo kithi, futhi lokho ukuzinikela kwethu okungenamibandela.
Lapho sizalwa kabusha, uMoya oNgcwele uqala ukwenza indalo yaKhe entsha ngaphakathi kithi, futhi kuyofika isikhathi lapho kungasali ngisho nengxenye encane yesimiso esidala, isizotha esidala siyanyamalala, isimo sengqondo esidala ngezinto siyanyamalala, futhi "zonke izinto zivela kuNkulunkulu." Siyokuthola kanjani ukuphila okungenankanuko, okungenanzuzo yomuntu siqu, okungazweli ekugconweni, uthando olungacasuki, olungacabangi okubi, oluhlale lunomusa? Okuwukuphela kwendlela ukuvumela ukuba kungasali ngisho nengcosana yokuphila okudala; kodwa kusale kuphela ukwethemba uNkulunkulu okulula nokuphelele, ukwethemba okwenza singabe sisafuna izibusiso zikaNkulunkulu, kodwa sifune Yena uqobo. Ingabe sesifike lapho uNkulunkulu engazihoxisa khona izibusiso zaKhe ngaphandle kokuthinta ukumethemba kwethu? Lapho sesimbonile uNkulunkulu esebenza, asisoze sahlupha amakhanda ethu ngezinto ezenzekayo, ngoba empeleni sithembela kuBaba wethu oseZulwini umhlaba ongenakumbona.