UKUQONDISWA NGUMFUTHO
“Zakheni phezu kokholo lwenu olungcwele kakhulu.”
EkaJuda 20
ENkosini yethu kwakungekho ukuthatheka noma ukubanda kwenhliziyo, kodwa kwakukhona amandla azolile angalokothi athuke. Abaningi bethu bathuthukisa ubuKristu bethu ngokwesimo sethu semizwa semvelo, hhayi ngokomugqa kaNkulunkulu. Umfutho uyisici sokuphila kwemvelo, kodwa iNkosi yethu ihlale iwushaya indiva, ngoba uvimbela ukukhula kokuphila komfundi. Bheka ukuthi uMoya kaNkulunkulu uwuvimbela kanjani umfutho, izivimbelo zaKhe ziletha isifufula sobuwula bokuziqaphela esisenza sifune masinyane ukuzithethelela. Umfutho ulungile enganeni, kodwa uyinhlekelele endodeni noma kowesifazane; umuntu oqhutshwa umfutho uhlale etotoswa. Umfutho kumelwe uqeqeshwe ngesiyalo uguquke ube ukuqonda kwangaphakathi.
Ubufundi bakhelwe ngokuphelele emseni kaNkulunkulu ongaphezu kwemvelo. Ukuhamba phezu kwamanzi kulula esibindini esiqhutshwa umfutho, kodwa ukuhamba emhlabathini owomile njengomfundi kaJesu Kristu kuyinto ehlukile. UPetru wahamba phezu kwamanzi eya kuJesu, kodwa emhlabathini wamlandela ekude. Asiwudingi umusa kaNkulunkulu ukuze simelane nezimo ezibucayi, imvelo yomuntu nokuziqhenya kwanele, singabhekana nengcindezi ngobukhazikhazi; kodwa siyawudinga umusa kaNkulunkulu ongaphezu kwemvelo ukuze siphile amahora angamashumi amabili nane osuku ngalunye njengabangcwele, sidlule emsebenzini okhandlayo oyisidina njengabafundi, siphile ukuphila okuvamile, okungabonwa, okushaywa indiva njengabafundi bakaJesu. Kugxilile kithi ukuthi kumelwe senzele uNkulunkulu izinto ezingavamile; kodwa akudingeki. Kumelwe sivelele ezintweni ezivamile, sibe ngcwele emigwaqweni edelelekile, phakathi kwabantu ababukelwa phansi, futhi lokhu akufundwa ngemizuzu emihlanu.