Ukuzindla kwansuku zonke

NGIYOKWAZI NGANI?

Ngiyakubonga, Baba . . . ngoba uzifihlile lezi zinto kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wazambulela izingane.

NgokukaMathewu 11:25

Ebudlelwaneni obungokomoya asikhuli igxathu negxathu; sikhona noma asikho. UNkulunkulu akasihlanzi kancane kancane esonweni, kodwa lapho sisekukhanyeni, sihamba ekukhanyeni, siyahlanzwa kuso sonke isono. Kungumbuzo wokulalela, futhi ubudlelwane bupheleliswa ngaso leso sikhathi. Phambuka ekulaleleni umzuzwana owodwa, bese ubumnyama nokufa kuqala ukusebenza ngaso leso sikhathi.

Zonke izambulo zikaNkulunkulu zihlala zivaliwe zize zivulelwe thina ngokulalela. Awusoze wazivula ngefilosofi noma ngokucabanga. Ngokushesha nje lapho ulalela, kubaneka ukukhanya. Vumela iqiniso likaNkulunkulu lisebenze kuwe ngokucwiliswa kulo, hhayi ngokukhathazeka uzama ukulihlaziya. Indlela eyodwa yokufinyelela olwazini iwukuyeka ukuzama ukuzitholela nokuzalwa kabusha. Lalela uNkulunkulu entweni akubonisa yona, futhi masinyane kuvulwa elandelayo. Umuntu ufunda imiqulu emikhulu ngomsebenzi kaMoya oNgcwele, kuyilapho imizuzu emihlanu nje yokulalela okunqumayo ibingenza izinto zicace njengomsebe welanga. "Ngicabanga ukuthi ngiyoke ngiziqonde lezi zinto ngolunye usuku!" Ungaziqonda manje. Akukona ukutadisha okwenza lokho, kodwa ukulalela. Ucezu oluncane kakhulu lokulalela nje, futhi izulu livuleka bese amaqiniso ajule kakhulu kaNkulunkulu aba ngawakho ngokushesha. UNkulunkulu akasoze embula iqiniso elengeziwe ngaYe kuze kube yilapho usulalele lokho osukwazi kakade. Qaphela ukuba ungabi "ohlakaniphile nonokuqonda."

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa