Ukuzindla kwansuku zonke

USAQHUBEKA UHAMBA NOJESU NA?

Nina yibo abahlala naMi ezilingweni zaMi.

NgokukaLuka 22:28

Kuyiqiniso ukuthi uJesu Kristu unathi ezilingweni zethu, kodwa ingabe sihamba naYe ezilingweni zaKhe? Abaningi bethu bayeka ukuhamba noJesu kusukela lapho sizizwela lokho Yena angakwenza. Qaphela lapho uNkulunkulu eshintsha izimo zakho, ubone ukuthi uhamba noJesu yini, noma uthatha uhlangothi lwezwe, lwenyama nolukadeveli. Sigqoka uphawu lwaKhe, kodwa ingabe sihamba naYe? "Kusukela ngaleso sikhathi abaningi babafundi baKhe babuyela emuva bangabe besahamba naYe."

Izilingo zikaJesu zaqhubeka kukho konke ukuphila kwaKhe emhlabeni, futhi ziyoqhubeka kukho konke ukuphila kweNdodana kaNkulunkulu ngaphakathi kwethu. Ingabe sihamba noJesu ekuphileni esikuphila manje?

Sinomqondo wokuthi kufanele sizivikele kwezinye zezinto uNkulunkulu aziletha eduze kwethu. Ungalokothi! UNkulunkulu uhlela izimo futhi kungakhathaliseki ukuthi zinjani kumelwe siqinisekise ukuthi sibhekana nazo sihlala njalo naYe ezilingweni zaKhe. Ziyizilingo zaKhe, akuzona izilingo zethu, kodwa ziyizilingo zokuphila kweNdodana kaNkulunkulu ngaphakathi kwethu. Udumo lukaJesu Kristu lusengcupheni ekuphileni kwakho ngokomzimba. Ingabe uhlala uthembekile eNdodaneni kaNkulunkulu ezintweni ezihlasela ukuphila kwaKhe ngaphakathi kuwe?

Usaqhubeka uhamba noJesu? Indlela iholela ngeGetsemane, ngesango lomuzi, nangaphandle kwekamu; indlela iholela ekubeni wedwa, futhi indlela iholela lapho kungasali nowodwa umkhondo wonyawo, kusale izwi kuphela, "Ngilandele."

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa