NGOKUDIDEKA OKUNGOKOMOYA
“Anazi enikucelayo.”
NgokukaMathewu 20:22
Kunezikhathi ekuphileni komoya lapho kuba khona ukudideka, futhi ukusho ukuthi ukudideka akufanele kube khona akuyona indlela yokuphuma kukho. Akuyona indaba yokulungile nokungalungile, kodwa indaba yokuthi uNkulunkulu ukuhambisa ngendlela ongayiqondi okwamanje, futhi kungokudlula kulokho kudideka kuphela lapho uyofinyelela kulokho uNkulunkulu akufunayo.
Ukusitheka Kobungane baKhe.
NgokukaLuka 11:5-8. UJesu wenza umfanekiso womuntu owayebonakala engenandaba nomngane wakhe, futhi wathi yileyo ndlela uYihlo osezulwini ayobonakala ngayo kuwe ngezinye izikhathi. Uyocabanga ukuthi ungumngane ongenamusa, kodwa khumbula ukuthi akanjalo; kuyofika isikhathi lapho konke kuyocaciswa. Kukhona ifu elisibekele ubungane benhliziyo, futhi ngokuvamile ngisho nothando uqobo kumelwe lulinde ebuhlungwini nasezinyembezini ukuze luthole isibusiso sobudlelwane obugcwele ngokwengeziwe. Lapho uNkulunkulu ebonakala esitshekelwe ngokuphelele, ingabe uyoqhubeka ubambelele kuYe ngokumethemba?
Isithunzi EbuBaba baKhe.
NgokukaLuka 11:11-13. UJesu uthi kunezikhathi lapho uYihlo eyobonakala khona njengobaba ongenalo uthando lukababa, njengokungathi akanazwelo futhi akanandaba, kodwa khumbula ukuthi akanjalo; ngikutshelile — "Wonke umuntu ocelayo uyamukela." Uma manje kunesithunzi ebusweni bukaBaba, bambelele eqinisweni lokuthi ekugcineni uyokwambula ngokucacile futhi azibonakalise elungile kukho konke akuvumele.
Ukungajwayeleki Kokwethembeka kwaKhe.
NgokukaLuka 18:1-8. "Lapho iNdodana yomuntu ifika, ingabe iyoluthola ukholo emhlabeni?" Ingabe Yena uyothola ukholo oluthembela kuYe naphezu kokudideka? Yima uqine ngokholo ukholelwa ukuthi lokho uJesu akusho kuyiqiniso, nakuba okwamanje ungakuqondi lokho uNkulunkulu akwenzayo. Yena unezindaba ezinkulu kakhulu ezisengcupheni kunezinto ezithile ozicelayo.